AYAVUTHA amakhansela kaKhongolose kuMasipala wesiFunda uMzinyathi KwaZulu-Natal, asola izikhulu zawo ngokuwaphendula umnyango wokwenza imicimbi yobumnandi, esikhundleni sokulwa nesomiso okuwumsebenzi wawo.
I-ANC iqale ukukhononda ngoLwesine olwedlule ngalolu daba, ikhala ngokuthi umasipala uchitha imali ebumnandini ekubeni imali kawusenayo neyokuholela abasebenzi nosonkontileka.
USihlalo wekhokhasi ye-ANC eMzinyathi, uMnuz Lucky Moloi, uthe bafuna umasipala uchaze ukuthi uyithathephi imali yokwenza imicimbi ekubeni usuhluleke wancama ukulwa nesomiso nokukhokhela izinkampani ebezithole imisebenzi ngoba kuthiwa imali ayikho.
“Lo masipala usuphenduke uMnyango wezobuCiko namaSiko neMidlalo ngendlela owenza ngayo imicimbi emikhulu. Okubi wukuthi imali kayisekho. Ngikhuluma nawe nje, ususele noR20 million kuphela kwi-akhawunti yawo. Ngakho abasebenzi basengcupheni yokungaholi uma kuphela uNovemba. Cishe ngesonto benza imicimbi emikhulu engaphezulu kwemithathu,” kusho uMoloi.
Uthe abakhali ngokwenziwa kwemicimbi kodwa inkinga wukuthi kusetshenziswa imali engekho yokuyenza ekubeni eminingi yayo kayibi yimpumelelo, kuchithwa imali ngento engekho.
Uthe kuleli sonto eliphelayo bekunomcimbi eGlencoe wobumnandi, kwaba nemibili eMvoti kamaskandi okuyinto ebashaqisile.
Imenenja ebambile eMzinyathi, uMnuz Lethu Mthembu, ithe kakulona iqiniso ukuthi sebewumnyango wezobumnamndi nokuthi imali abasenayo.
“Imicimbi esisayenzile kule nyanga eyedlule ngowokuhlonipha omaskanda asebashona nowokwethulwa kwama-truck amasha amanzi angu-20, emcimbini obuseMvoti.
Akulona iqiniso ukuthi imali asisenayo. Emthonjeni wethu sinemali engaphezulu kukaR200 million esibhekile. Izinkampani nazo sezikhokhelwe futhi sizikhokhela mhla ka-7 nomahlaka-25 no-27,” kusho uMthembu.