BAKHALA ngokunhlanhlatha kwejaji abaKwaShembe lichitha isicelo sokugudluza umholi uNyazilwezulu esihlalweni eBuhleni.
UMshumayeli Chancey Sibisi okhulumela umholi wamaNazaretha owavunwa yinkantolo, inkosi Phinda “Ukukhanyakwelanga” Shembe, uthe ijaji libeke izizathu okungezona abebezisebenzisile ukufaka isicelo sokususa uNyazi esihlalweni eBuhleni.
“Besinethemba lokuthi njengoba selithathe isikhathi esingaka ukuthatha isinqumo yingoba belisazama ukubhekisisa yonke imiqingo yaleli cala ukuze lithathe isinqumo okuyisona. Kunalokho livele labeka isizathu sokuthi uNyazi lungumholi wamaNazaretha eBuhleni, thina saphuma eBuhleni sayozimela eThembezinhle.
“Lokho akulona iqiniso futhi akuyona into esayifaka esicelweni sethu enkantolo. Lize labuyisa nendaba yokuthi asikwazi ukuchitha uNyazi emzini kayisemkhulu (Inyangayezulu). Olomuzi saluxazulula ngenkantolo ngo-2021. Lwalusho njalo uNyazi ukuthi umuzi kayisemkhulu Inyangayezulu umuzi waseBuhleni kodwa sakhipha amaphepha aqinisekisa ukuthi yindawo yebandla.
“Lelo cala salinqoba ngawo u-2021. Manje bese sikhulumela ukuthi lugudluke ngoba seluchithwe kuzona zonke izinkantolo ukuthi lungumholi webandla, sifuna ludedele umholi osemthethweni,” kusho uSibisi.
Uthe kunemihlangano ephuma ingena kumanje balungisa lolu daba. Uveze ukuthi neNkantolo eNkulu yaseThekwini ibanike izinsuku ezingu-20 ukuthi bafake isicelo sokubuyekeza lesi sinqumo.
Lokhu uthe noma besaxoxa kodwa bazosifaka isicelo sokubuyekeza lesi sinqumo ngoba akubhekwanga izinto ezifanele ngesikhathi sithathwa.