BAKHONONDA ngokuhlaliswa lubhojozi ngabemboni yamatekisi abashayeli bezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile (e-hailing), ezingxenyeni ezihlukene eThekwini.
Kubikwa ukuthi izolo ekuseni baphume inqina abemboni yamatekisi bethungatha izimoto ze-ehailing esiteshini, KwaMashu. Lesi senzo kuthiwa sifake amanzi emadolweni abashayeli bezimoto ze-e-hailing, bagcina bebiza umhlangano wabo ophuthumayo eBlue Lagoon, eThekwini.
Okunye abakhala ngakho abe-e-hailing ukuthathwa kwezimoto abasebenza ngazo bese umshayeli ephoqwa ukukhokha inhlawulo ewuR5 000, ukuze idedelwe. Abanye bathi kunezindawo abangasalubhadi kuzona noma beqashwa ngoba bathelwa ngesibhaxu futhi bathathelwe izimoto.
UMnuz Nkosi Gumede, ongumkhulumeli wenhlangano yalaba bashayeli ngaphansi kwaseNanda, Ntuzuma naKwaMashu, uthe seziphenduke insakavukela izigameko zokuhlukunyezwa kwabo.
Ukhale ngokuthi noma beyobikela amaphoyisa, alikho icala alivulayo kunalokho abayelela ukuthi bakhokhe lemali efunekayo khona bezothola izomoto zabo futhi kugwemeke umsindo.
UGumede uthe abashayeli bahlanganyele eBlue Lagoon, ngenhloso yokudingida ngezinselelo ababhekene nazo nendlela ebheke phambili.
“Sizocela uhulumeni ukuthi angenelele, asivikele ngoba siyahlukumezeka emigwaqweni. Njalo sithathelwa izimoto kuthiwe asikhokhe oR5 000, kwesinye isikhathi sibekwe nesandla kugcine sekuhlukumezeka nabagibeli imbala,” kulandisa uGumede.
Ngakolunye uhlangothi inhlangano yamatekisi iSantaco KwaZulu-Natal, isole uhulumeni ngokuzithela ngabandayo ekushayeni imithetho egunyaza ukusebenza kwalezi zimoto.
ISantaco ithe ayikho into ebhalwe phansi ekhuluma ngama-e-hailing emthethweni iNational Land Transport Act.
Umphathi wehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sfiso Shangase, uthe abazigqugquzeli izigameko ezinodlame, wakhuthaza ukuthula wengeza ngokuthi imboni yamatekisi izimisele ngokubanika indlebe abashayeli balezi zimoto.
“Ukubalalela kwethu akusho ukuthi sesiyabagunyaza ukuthi basebenze, lowo wumsebenzi kahulumeni.
“ENingizimu Afrika uhulumeni uyakucacisa ukuthi ukuze uthuthe umuntu ngenhloso yokwenza inzuzo, kumele uthole imvume ube nephephabhuku elikugunyazayo.
“Iqala lapho-ke inkinga ngoba abama-app abanakho lokhu futhi ukunikwa kwabo izinombolo zezimoto ezimnyama akusho ukuthi sebehlangabezana nomthetho,” kuchaza uShangase.
Uqhube wasola abashayeli be-e-hailing wathi abanye babo balanda abagibeli emarenki amatekisi, endaweni abaziphilisa ngayo.
“Njengamanje kunomncintiswano ongenabo ubulungiswa. Laba bamaapp basebenza noma yinini, lapho bethanda khona noma yikanjani. Kodwa owetekisi kumele abe nephemithi nemvume emlawulayo ukuthi ahambe lana, angayi laphaya,” kusonga uShangase.