ASEZOLIPHENYA kahle ibheshu kuMengameli Cyril Ramaphosa, amaqembu aphikisayo ePhalamende, uma sekubunjwe ikomiti azovela kulona ezophendula imibuzo.
La maqembu athe bese kunesikhathi ehlaba ikhwelo lokuthi kusungulwe ikomiti elifuze leli, ukuze uMengameli aphendule ngezinqumo azithathayo.
Kwenzeka lokhu nje, kulandela isinqumo sekomiti lemigomo ePhalamende, elinqume ukuthi kumele kube nekomiti lapho ezophendula khona imibuzo.
Kuzokhumbuleka ukuthi kusuka ngo-1994, akukho komiti umengameli wezwe aphendula kulona ePhalamende mayelana nezinto nezinqumo azithathayo.
Akwenzayo ukuphendula kuphela imibuzo yamalungu ePhalamende naweNdlu yoMkhandlu weziFundazwe.
UNksz Hlengiwe Mkhaliphi we-EFF, okungelinye lamaqembu abefaka ingcindezi yokuthi kube naleli komiti, uthe ibambe ngakho njengoba umengameli esezovela ekomitini lasePhalamende, aphendule khona imibuzo yamalungu.
Uthe bebehlale bekhala ngokuthi bekunganele nje ukuthi aphendule leyo mibuzo uma kuhleli iPhalamende.
“Sijabule ngalesi sinqumo ngoba besifuna ukuthi siphasiswe ukuze aphendule emphakathini. Umengameli ubezithathela izinqumo bese kungabikhona ozombuza noma aphendule ngalezo zinqumo okuyinto ezophela manje,” kusho uNksz Mkhaliphi.
Uthe ngeke bakuvumele ukuthi kube neqembu elizoba yingxenye yekomiti elizozama ukuvikela umengameli ekuphenduleni imibuzo.
USotswebhu weMK ePhalamende, uMnuz Mzwanele Manyi, uthe uRamaphosa ubezenzela umathanda engaphenduli kumuntu.
Uveze ukuthi yingakho kwaze kwasungulwa leli qembu ukulwa nezinto ezifuze lezi.
“Alikho ikomiti lapho ebephendula khona ngokuqoka ongqongqoshe, ngokufaka iminyango ethile nezinkampani ngaphansi kwehhovisi lakhe. Kuyaphela lokho manje ngokuthi kube nekomiti azophendula kulona ngoba sincane isikhathi sokuphendula imibuzo.”
UNksz Mkhaliphi uthe i-ANC kuphela engahambisani nokubunjwa kwaleli komiti.
Akuyona kuphela le migomo ezobhekwa kabanzi kodwa nokuthi ongqongqoshe kumele baphendule ngokugcwele imibuzo.
“Ilungu lizobuza umbuzo liphendulwe, uma lingeneme liphinde libuze omunye umbuzo. Lizokwazi ukubuza umbuzo lize ligculiswe izimpendulo,” kusho uNksz Mkhaliphi.
Okhulumela iPhalamende, uMnuz Moloto Mothapo, uthe kuvunyelwene emhlanganweni wemigomo ukuthi kuqiniswe ukusebenza kukahulumeni ngokuthi kubhekwe eyokuthi kube nekomiti elizoqapha ukusebenza kukamengameli.
Uthe kuzobhekwa kabanzi eyokwakheka kwaleli komiti.