IKHALA ngamaphoyisa abulale abantu okungesibo abebafuna, imindeni yabesilisa ababili baseMatshana Reserve, eMpangeni, abadutshulwe ngoMsombuluko.
UMnuz Khanyisani Mdladla (30) noMnuz Andile Ngubane (29) kuthiwa baficwe amaphoyisa ophiko lwe-National Intervention Unit (NIU) bedlula ngasesitolo sangakubo, bebuya emsebenzini.
Unina kaMdladla, uNkk Sbongile Mdladla, uthe babizelwe endaweni yesigameko ngamanye amalungu omphakathi, bafike bazithele phezu kwenqwaba yamaphoyisa abehlome eyizingovolo futhi enolaka oluxaka uSathane.
“Sithe noma sithi sifuna ukusondela emotweni ebebedutshulelwe kuyo, ala ukhasha amaphoyisa abegqoke izigqoko ezifihla ubuso,” kusho yena.
Uthe banqatshelwe ngisho ukuyobuka abafi baze bathathwa imoto elanda izidumbu.
“Siye sesiyocosha ubuchopho obebusale endaweni yesigameko. Ngesikhathi sibucosha, asihleka amaphoyisa,” kuchaza uNkk Mdladla.
Uthe banesiqiniseko sokuthi babulawelwe into abangayazi abafi.
“Lezi zingane bezihlonipha wonke umuntu emphakathini. Abantu ebebethunywa nanoma ubani, bengakhalazi. Bebezisebenzela endaweni elungisa izimoto iPower Star. Sekuphele iminyaka emine besebenza khona,” kulandisa yena.
Uthe kulo msebenzi bebesebenza izinsuku eziyisithupha ngesonto, behamba ekuseni, babuye ebusuku sebezolala.
Wengeze ngelithi amaphoyisa awathathile amaselula abafi, wathi kuhle ethathiwe ukuze kuvezwe ukuthi benzeni.
“Siyabufuna ubulungiswa ngokubulawa kwabo. Amaphoyisa kufanele asichazele kabanzi ukuthi yimaphi lawo macala abawenzile njengoba singaze siwabone efika ezobafuna ukukhombisa ukuthi bawuhlupho,” usho kanje.
UNksz Nokululeko Mthethwa, ongudadewabo kaNgubane, uthe imoto ebebehamba ngayo wayithenga kumqashi wabo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abasolwa ababili ebebefunelwa amacala amabili okubulala, babulawe emva kokudubulana namaphoyisa eMatshana Reserve eMpangeni ngoMsombuluko.
“Amaphoyisa amise imoto ebihamba abasolwa, abasolwa bawushaye indiva umyalelo wamaphoyisa, baqala badubula bebhekise emaphoyiseni, nawo abuyisela ngenhlamvu,” kusho uNetshiunda.
Uthe emva kokudubulana, abasolwa ababili bashonile. Amaphoyisa asafuna abanye abasolwa abadubule amaphoyisa, abakwazile ukubalekela
Umndeni uyiphikisile eyokuthi abafi badubule amaphoyisa, wathi bobabili, abakaze babe nezibhamu.
Uphinde waphika eyabanye abasolwa ebebehamba nabafi, wathi bebezihambela bobabili emotweni njengenjwayelo, bezibuyela emsebenzini.