IZIHLATHI zizovakashela izindlebe kubashayeli bezimoto njengoba ilitha likaphethroli i-93 unleaded lizokwehla ngo-R1.02 cents ngoLwesibili phakathi kwamabili.
Elikaphethroli i-95 lona lehle ngo-89 cents.
Abashayeli bezimoto ezihamba ngodizili bona ngeke bajabule njengalabo abashayela ezikaphethroli njengoba udizili i-0.05% unyuke ngo-10 cents ilitha kwathi ele-0.005% lona lanyuka ngo-15 cents.
Abasebenzisa upharafini nabo bazojabula ngoba wehle ngo-62 cents ilitha kodwa abasebenzisa igesi bazojabha ngoba ikhilo linyuke ngo-19 cents.
Sekuyinyanga yesithathu lena wehla uphethroli kanti inhlangano eyenza ucwaningo ngentengo yokudla nesimo senhlalo iPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, iveze ukuthi yize uphethroli wehla kodwa lokhu akukawenzi umehluko kwintengo yegilosa.
Okwamanje igilosa yomndeni omkhulu ibiza u-R4 805.86.
UMnuz Mervyn Arbahams obhekele izinhlelo zePietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, eyenza ucwaningo ngentengo yokudla nesimo senhlalo, uthe awukho umehluko otheni kwintengo yokudla yize uphethroli wehla.
Uthe uyathemba ukuthi kuzoba khona umehluko owenzekayo ngokuhamba kwesikhathi kwintengo yokudla.
UMnuz Robert Maake woMnyango wezaMandla nokuMbiwayo uthe uphethroli wehlile ngenxa yokwehla kwentengo ka-oyela ezimakethe zomhlaba.