AMAQEMBU aphikisayo asigxekile isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokunikela eNkantolo yoMthethosisekelo, lapho eyophonsela khona inselelo umbiko othole ukuthi kungenzeka ukuthi waphula umthetho ngendlela asingatha ngayo udaba lokugqekezwa kwepulazi lakhe.
URamaphosa usanda kunikela eNkantolo yoMthethosisekelo lapho efuna khona kuchithwe umbiko wethimba lasePhalamende ebeliholwa uJaji Sandile Ngcobo.
Esicelweni sakhe uRamaphosa ufuna uchithwe lo mbiko.
Umbiko bekufanele udingidwe namhlanje ePhalamende, kepha ukuhlala kwePhalamende kwabuye kwahlehliselwa isonto elizayo.
Amaqembu aphikisayo athe uRamaphosa bekufanele alindele ukuthi lo mbiko udingidwe ePhalamende ngaphambi kokuthi awuphonsele inselelo enkantolo.
I-IFP, EFF ne-UDM athe ukunikela kukaRamaphosa enkantolo kukhombisa ukuthi kukhona akufihlayo.
La maqembu athe isenzo sikaRamaphosa siyimizamo yokubambezela uhlelo lwasePhalamende.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe balindele ukuthi uSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, afake amaphepha asenkantolo aphikisa isicelo sikaRamaphosa.
“Siyakholelwa ekutheni uRamaphosa ugagamelile ngokuphuthuma enkantolo. Ubenalo ithuba lokuthi lo mbiko awuphonsele inselelo ePhalamende njengoba usazodingidwa khona.
“Futhi asihambisani nendlela abameli bakhe abalusingathe ngayo lolu daba ngokuthi bamangalele amalungu ethimba ebeliholwa uNgcobo. Bona bekufanele bamangalele iPhalamende ngoba ngumbiko wePhalamende lona.”
Okhulumela i-EFF, uMnuz Sinawo Thambo, uthe ukugijimela kukaRamaphosa enkantolo kukhombisa ukuthi akekho msulwa.
“Ukube ubemsulwa, ubengeke atatazeliswe wuhlelo lokubheka ukuthi kukhona yini imithetho ayiphulile. Uma kuwukuthi awukho umthetho awuphulile, lokho kuzovela uma sekuqalwa uhlelo lwasePhalamende.”
UThambo uthe bona bayahambisana nokutholwe umbiko kaNgcobo, wathi bazowuvikela enkantolo.
Umholi we-UDM, uMnuz Bantu Holomisa, usole uRamaphosa ngokuzama ukubambezela uhlelo lwasePhalamende.
UHolomisa uthe bafuna ukuba yingxenye yokuqulwa kwecala, wathi bafuna sichithwe isicelo sikaRamaphosa.
Umbiko usuzodingidwa ePhalamende ngoLwesibili, kulandela ukuhlehliswa kokuhlala kwePhalamende izolo.
Ukuhlala kwePhalamende kuhlehliswe ukuze kuhlelwe ukuthi onke amalungu ePhalamende azifikele mathupha lapho kuzokube kubanjwe khona umhlangano.
Amanye amaqembu ezepolitiki abengajabule ngokuthi kuvunyelwe amalungu akhethekile kuphela ukuba azifikele mathupha emhlanganweni, bese amanye asebenzise ezobuchwepheshe ukungena emhlanganweni.
UNkk Mapisa-Nqakula uthe ukufakwa kwamaphepha asenkantolo angeke kubavimbe ukuthi badingide umbiko.
“Kuze kube kuphuma isinqumo senkantolo esisivimbayo ukuthi sidingide umbiko, sizoqhubeka sixoxe ngawo.”