NJENGOBA izolo bekuwusuku lokukhuthaza ukugeza izandla umhlaba wonke, abanye osaziwayo baphume imikhankaso yokugqugquzela inhlanzeko.
U-DJ Zinhle wodumo lwengoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku ethi Umlilo, ukhethe ukuchitha usuku lwakhe izolo nodado besikole saKwaMaphumulo iNyamazane Primary.
U-DJ Zinhle ubenza uhlelo ehamba nabakwaLifebuoy nabakwa-Unilever ngokubambisana noMnyango wezeMfundo nowezeMpilo.
Uthe ukuba ngumama osemncane kwenza kube kuningi angakakwazi kahle.
Ukubaluleka kokugeza izandla ngendlela nokusetshenziswa kwensipho uthe ezinye zezinto abengazinaki kodwa kuthe uma ethola ukuthi kunezingane ezigcina zifile ngenxa yamagciwane atholakala ezandleni, waqala wakunaka.
“Ngijwayele impela ukumgada uKairo uma edlala nezinja ngithi akayogeza izandla. Noma ephuma endlini encane uyazi ukuthi kufanele azigeze. Kodwa bengingazi ukuthi kunezigaba ezehlukene futhi abantu kufanele bahlale begeza izandla ngensipho bese beziyakaza. Sengiyazwela kakhulu ezintweni ezithinta izingane emuva kokuhambela izikole.”
UNksz Gloria Rasi woMnyango wezeMpilo, ugqugquzele abafundi ngokubaluleka kokugeza izandla ngaphambi kokudla noma sebeqedile.
Lokhu uthe kuyasiza kakhulu ekutheni bangatholwa kalula yisifo sohudo okuyinto ehlasela kakhulu izingane ezikoleni.
Othisha nabafundi baseNyamazane baqambe amaculo nemidlalo ehlukene abanandise ngayo phambi kwabazali bebanikeza namasu abangawasebenzisa ukufundisa odado emakhaya.
Abakwa-Unilever abebehamba nesinye sezikhulu, uNksz Jeni Hall, baphinde banikela ngemikhiqizo eyahlukene yakwaLifeboy yokuhlanza izandla.