INTSHA engasebenzi yaseNgonyameni, ngaseMlaza, okuvela ukuthi kwathathwa omazisi bayo kwayo kwenziwa ngabo ubugebengu ifuna ukususwa ohlwini lwabantu abaqashiwe, bese kuphenywa owesifazane osolwa ngokugila lo mkhuba.
Kuthiwa ilinganiselwa ku-45 intsha yakule ndawo esenkingeni ngenxa yesenzo sowesifazane.
Elandisa Isolezwe omunye wabagilwa, uNksz Minnie Ntobela uthe kwakungu-2020 ngesikhathi owesifazane emthinta ngocingo ethi akamnike izinombolo zakhe zikamazisi ngoba ufuna ukumfunela umsebenzi.
Uthi ngenxa yokulangazelela ukusebenza nokumethemba owesifazane okuthiwa unguthisha wasendaweni osewathatha umhlalaphansi, akazange alokhu ebuza imibuzo eminingi.
“Ngathatha ngokuthi ungumama wendawo okhathazekile, osekhathele ukusibona sibhuquza emakhaya singasebenzi, ngakho wathi uma ethi angimnike izinombolo zikamazisi wami, kukhona lapho azongizamela khona umsebenzi, ngangabuza izinto eziningi, ngamnika,” kusho uNksz Ntobela, ongeze ngokuthi wanika owesifazane nezinombolo zikamfowabo, naye ongasebenzi.
Uthi kuhambe isikhathi eside kuthulekile, kodwa wanganaka ngoba ezitshela ukuthi owesifazane usabahlanganisela.
Uthi bekungu-Agasti nyakenye ngesikhathi eqala ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi.
“Ngangikade ngifake isicelo sesibonelelo sikaR350. Bangiphendula nge-SMS ethi isicelo sami asiphumelelanga ngoba ngiyasebenza,” kusho uNksz Ntobela.
Uthi kwamxaka lokhu maqede wasukuma wayongqongqoza eminyangweni ehlukene.
Uthi phakathi kwayo kwaba ngowabaSebenzi okuyilapho watshelwa ukuthi usebenza enkampanini iSphuku Trading.
“Ngacela izinombolo zakhona zocingo, ngazibhala phansi. Ngathuka ngacishe ngashayeka phansi uma ngifika ekhaya ngiyifonela inombolo, yaveza lo mama wangasekhaya owayethathe omzisi bethu,” kusho uNksz Ntobela.
Omunye wasendaweni, uNkk Caroline Mbatha, yena onamalungu amane omndeni wakhe ehlelwe yinkinga efanayo, naye uthe akunyakazeki kubagilwa.
“Abaqasheki, abakwazi ukuhola izibonelelo zikahulumeni, baphikwa ngisho yiNSFAS uma bethi bafaka izicelo zoxhaso lokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme,” kusho uNkk Mbatha.
Uthe abakufunayo wukuthi isuswe intsha ohlwini lwabantu abasebenzayo ngoba ibhuquza emakhaya, bese ephenywa owesifazane ukuthi hloboluni lomgunyathi alwenza ngomazisi bentsha.
Uthe uphenyo kufanele luveze nokuthi isukaphi yonke imali okuvela ukuthi iholwa yintsha.
Isolezwe lizamile ukuthola umsolwa enombolweni yocingo eliyinikwe ngabagilwa kodwa ibivaliwe.
Baveze ukuthi bazamile ukumvulela amacala esiteshini samaphoyisa eBhekithemba kodwa batshelwa ukuthi awekho amacala azovulelwa wona ngoba bamnika ngokwabo umsolwa izinombolo zomazisi babo, engabaphoqanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe abagilwa bayanxuswa ukuthi babuyele esiteshini bafike bacele umphathisiteshi ozokwazi ukubasiza ngezikhalo zabo.
Okhulumela uMnyango wezabaSebenzi KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlanhla Khumalo uthe uphiko lomnyango olwaziwa ngokuthi iRisk & Anti-Fraud Unit lunayo inkampani iSphuku Trading ohlwini lwezinkampani eziphenywayo ngenkohlakalo. Uthe le nkampani ibalwa nezinye ezisolwa ngokuhlomula kungafanele imali yeCovid Ters.
“Umnyango ngeke ukwazi ukususa amagama abagilwa okwamanje ngoba kusaqhubeka uphenyo,” kusho uKhumalo. Uthe sikhona isitatimende abasikhiphe ngoJulayi nonyaka lapho bebexwayisa khona umphakathi, ikakhulukazi intsha ngokuthathwa kwezinombolo zomazisi bayo zisetshenziswe ukwenza ubugebengu obufana nalobu.