INHLANGANO yezigungu ezilawula izikole kuleli, ifuna kuqeqeshwe othisha besafunda emanyuvesi ngengozi yokuxoshelwa ukulala nabafundi ezikoleni.
UNobhala jikelele weNational Association of School Governing Bodies (NASGB) uMnuz Matakanye Matakanye, uthe bakhathazekile ngezibalo ezandayo minyaka yonke zothisha abalala nabafundi bese bekhonjwa indlela ngoba basuke bazi ukuthi benza okuphambene nomthetho.
Usho lokhu nje emva kokuba uNgqongqoshe wemfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, empendulweni abeyibhekise koyilungu le-DA ePhalamende muva nje, eveze ukuthi angu-191 amacala othisha ababikwa okulala nabafundi.
UNkk Motshekga uthe kusuka ngo-2019/2020 angu-92 amacala abikwa othisha abalala nabafundi.
“Ngo-2020/2021 isibalo sanyuka safika ku-169, kwathi ngo-2021/2022 isibalo sanyuka saya ku-191. Ngo-2021/2022 bangu-19 abaxoshelwa amacala okulala nabafundi, amagama abo adluliselwa eMnyangweni wezeNhlalakahle.”
Abanye balabo abatholakala benamacala ayethinta nokulala nabafundi abaneminyaka engu-12.
Uveze ukuthi umkhandlu olawula othisha iSouth African Council for Education (SACE), yiwona obamba izigcawu zokuqondisa ubugwegwe bese unikeza umnyango amagama alabo abasusiwe ohlwini lokufundisa kuleli.
UMatakanye uthe abazali kumele bangayamukeli inhlawulo yothisha abasuke belale nabafundi.
“Okunalokho kumele baqhubeke nokubabika njengoba minyaka yonke zanda izibalo zothisha ababikwayo ngala macala ekubeni bazi ukuthi kuphambene nomthetho. Ngokwethu sibona ukuthi kumele ngesikhathi beqeqeshelwa ukuba ngothisha, bafundiswe ngale ngozi ngoba bayaqhubeka nokulala nabafundi. Noma sebefika ezikoleni izigungu ezilawula izikole kumele zibabekele imigomo zibaxwayise ngokuthi bangalokothi balale nabafundi,” kusho uMatakanye.
Uthe abanye othisha ngoba bebona ukuthi bancane ngeminyaka bamane bazibone bekulungele ukulala nabafundi.
“Noma kuthiwa bayalingana kodwa kuseyicala ukulala nabafundi. Yingakho sithi ababikwe ukuze bapheze ukwenza lento. Abazali abangalingeki bathathe inhlawulo bese begqiba ihlazo kodwa abababike ukuze baxoshwe.”
Izinyunyana zothisha iSadtu neNatu zihlale zibagxeka othisha abaxoshelwa ukulala nabafundi zithi yibona okumele ngabe bavikela abafundi njengabazali.
UNkk Motshekga uveze ukuthi amanye amacala ayahoxiswa ngenxa yokungabikhona kobufakazi obanele.
Abanye ofakazi abezi ukuzofakaza kanti abanye ofakazi abafuni ukusebenzisana neSACE.