UBUHOLI beDA KwaZulu-Natal bufuna ihhovisi loMvikeli woMphakathi nelomcwaningi mabhuku jikelele aphenye izinsolo zokuthi uMasipala waseThekwini uthathe imali ebibekelwe ukuhambisa izidingo kubantu wagcwalisela ngayo ekukhokheleni ukwakhiwa kwezichuse zabaholi be-ANC.
UMnuz Francios Rodgers weDA uthe bafuna kuphenywe izinsolo zokuthi uMasipala waseThekwini uthathe u-R10 million, obubekelwe ukulungisa ingqalasizinda yamanzi oThongathi kanye nokuthenga izimoto zokucisha umlilo, wagcwalisela ngawo ekuthengweni kwezichuse ezibize uR22 million.
Izichuse, esikaMnuz Nelson Mandela, owayengumengameli wokuqala wakuleli ngaphansi kombuso wentando yeningi, nesikaMnuz Oliver Tambo, owaba umengameli we-ANC isikhathi eside, zenziwe ngethusi kanti zizofakwa phambi kwehholo ledolobha. Lezi zichuse zingu-9 mitha ubude.
Sekunesikhathi eside kunomdonsiswano ngokufakwa kwazo njengoba amaqembu aphikisayo engafuni ukuthi zifakwe.
Isinqumo sokwakhiwa kwalezi zichuse sathathwa ngo-2017 kanti bezakhiwa eChina.
Ukulethwa kwazo kuleli kwaphazamiswa ukubheduka kobhubhane icorona.
Ngeledlule umkhandlu uveze ukuthi lezi zichuse sezifikile kuleli dolobha futhi sezikulungele ukufakwa.
I-DA ithe ngo-2020 umasipala wathatha imali engu-R6.5 million eyayibekelwe ukuthenga izimoto ezikhethekile zokucisha umlilo kanye noR1.3 million wokuthenga izimoto, wagcwalisela ngayo ekuthengeni izichuse.
Leli qembu lithe kwaphinde kwathathwa nemali yokulungisa ingqalasizinda yamanzi oThongathi, nayo yagcwalisela ekuthengeni izichuse.
URodgers uthe kuyabakhathaza ukuthi umasipala wathatha imali ebekelwe ukuhanjiswa kwezidingo wathenga ngayo izichuse.
URodgers uthe uzobhalela ihhovisi loMvikeli woMphakathi nelomcwaningi mabhuku jikelele ebacele ukuthi baphenye ngalesi senzo.
“Abantu basoThongathi bahlala isikhathi eside bengenawo amanzi ngenxa yokwehluleka kukamasipala ukulungisa ingqalasizinda. Sekuneminyaka manje uphiko lwezicishamlilo eThekwini lubhekene nenkinga yokushoda kwezinsiza neyokungabi nabo abasebenzi abanele.
“Esikhundleni sokulungisa lezi zinkinga, umasipala uvele wakhetha ukufaka izichuse. Ingqalasizinda yomkhandlu iyahluleka ukumelana nezimo ngenxa yokuthi isindala, abantu abanazo izindlu, ugesi uhamba njalo kodwa umasipala wona ubeka phambili ukufaka izichuse.”
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphenduli okhulumela uMasipala waseThekwini, uNksz Lindiwe Khuzwayo.
Ngeledlule iMeya kaMasipala waseThekwini, uMnuz Mxolisi Kaunda, yakuvikela ukufakwa kwalezi zichuse.
Ekhuluma nabezindaba, uKaunda wathi inkampani enikezwe umsebenzi wokwenza lezi zichuse iyona ebibiza kangcono.
“Abanye babebiza u-R22 million isichuse sisodwa.”
UKaunda wathi kubalulekile ukuthi kufakwe izichuse zabaholi abalwela inkululeko ukuze kuzogcinwa umlando.