KUSOLWA umyeni nesoka, kunyamalala abesifazane abangabasebenzi eMnyangweni wezeMpilo, okukholakala ukuthi bathunjiwe, ezigamekweni ezimbili ezehlukene
UNksz Snenhlanhla Winile Nsibande (41) waseSikhalambazo eMandeni, ongumabhalane emtholampilo eSundumbili, ugcine ukubonwa ngoLwesibili ngesonto eledlule eyongena emsebenzini ebusuku kanti uNtombifuthi (esingenaso isibongo sakhe) ongumhlengikazi emtholampilo iRedcliffe ngaseVerulam, kuthiwa indodana yakhe imgcine eyolala egunjini lakhe kwasa engasabonwa.
Ilungu lomndeni kaNksz Nsibande, elicele ukungadalulwa, lithe emva kokuthola ukuthi akabuyanga emsebenzini, uyise wengane yakhe, ufike ekhaya wathatha izimpahla zakhe ezibalulekile, okukhona kuzona izingubo zomsebenzi namaphepha abalukekile. Basabile ukumbuza ngoba ungumuntu ongangeneki.
“Sifuna amaphoyisa abukisise nangakuyena uyise wengane ngoba sididekile ukuthi kwenzekani,” kusho ilungu.
Liveza nokuthi umphathi kaNksz Nsibande utshele umndeni ukuthi ngezikhathi zasemini ngoLwesibili, wamshayela ucingo emtshela ukuthi akabheke umuntu ozomngenela ntambama emsebenzini, emva kwalokho ucingo lwakhe lwavaleka.
Uthe akakaze ehambe engaziwa ukuthi ukephi, waveza ukuthi isoka lakhe belike limshaye.
Omunye wabaphathi bakaNtombifuthi emtholampilo iRedcliffe, okuthiwa ukhathazekile emva kokuthi engamboni emsebenzini, utshela abeReactions Unit of South Africa ukuthi ubeke avalelwe umyeni wakhe. Uveze ukuthi ubesemalungiselweni okufaka amaphepha esehlukaniso kodwa ekhathazekile ngokuphepha kwakhe.
Okhulumela abakwa-Rusa uPrem Balram, uthe ngesikhathi onogada babo beyongena lapho kuqashe khona uNtombifuthi emva kokubikelwa iziphathimandla emtholampilo ngokungafiki kwakhe emsebenzini, baqaphele ukuthi imoto yakhe beyipake ngaphandle lapho eqashe khona.
“Onogada baxhumane nendodana yakhe ena-22, ebatshele ukuthi ulele endlini yakhe, okuthe uma bengqongqoza khona kwangababikho ovulayo. Bangene ngendluzula kodwa bathola kungekho muntu, umbhede wakhe ubundluliwe kukhona nesikhwama esinezikhiye zemoto yakhe nomazisi,” kusho
Uthe ngesikhathi indodana yakhe imfonela phambi konogada, ucingo belubanjwa kodwa umuntu olubambayo athule angakhulumi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Nqobile Gwala uthe alikho icala elivulwe esiteshini samaphoyisa aseVerulam kulolu daba. Koluthinta ukunyamalala kukaNksz Nsibande, uthe amaphoyisa aseSundumbili anxusa umphakathi ukuthi awabhekise uNksz Nsibande.
“Nanoma ngubani ongaba nolwazi lokuthi ukuphi, uyacelwa ukuthi athinte uDetective Sergeant Mpanza ku-032 454 0096/86 noma inombolo yamaphoyisa ethi 08600 10111,” kusho uLt-Col Gwala.