UMPHAKATHI waseHarding, oGwini oluseNingizimu, ucele ukuba kuphenywe amaphoyisa asebenzisana nezigebengu.
Lo mphakathi wethule lesi sicelo ngesikhathi kunembizo obekubhungwa kuyo ngobugebengu noNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Bheki Cele.
Okunye okucelwe wumphakathi ngukuthi kwandiswe amaphoyisa namaveni, alethe iziteshi zamaphoyisa ezingomahambanendlwana, ashintshe amaphoyisa endawo ngokuthi alethe amanye angaziwa bese kuba khona ukusebenzisana phakathi kwamaphoyisa neminye iminyango kahulumeni okukhona kuyo nowezobulungiswa kanjalo nomphakathi.
UMnuz John Mantshinga, oyisakhamuzi, uthe ngeledlule yena nabanye abesilisa ababili bazame ukuhlenga owesifazane ogcine ngokushona esibhedlela emva kokuba egwazwe amanxeba angu-17.
“Ngesikhathi ngizwa owesifazane ekhala kanzima ecela usizo ngakwami, ngiphumile. Ngifice lona wesifazane esizwa ngabanye abesilisa ababili. Ubegcwele igazi umzimba wonke enamanxeba okugwazwa. Angibuzanga nokuthi kwenzenjani, samsiza waphuthunyiswa esibhedlela. Emva kwezinsuku ezimbili ngathola ucingo oluthi ushonile. Umbuzo engizibuze wona ngothi hlobo luni lomuntu ogwaza umuntu wesifazane amanxeba angu17?” kubuza uMantshinga.
“Sicela ukwengezelwa amaphoyisa nezinye izinsizakusebenza ngoba kungenzeka ukuthi sithi amaphoyisa kawasebenzi nje kanti anomsebenzi omningi abhekene nawo,” kusho yena.
Ucele ukuthi kulethwe iziteshi ezingomahambanendlwana, wathi bayezwa ukuthi kukhona amaphoyisa asebenzisana nezigebengu, wanxusa uCele ukuba angenelele nalapho.
UNkk Lindiwe Singcuba, othe esigamekweni esenzeke esikhathini esifishane esedlule, ushonelwe ngumyeni namadodana amabili, eneminyaka engu-20 neneminyaka eyisithupha, behlaselwa emotweni ababekuyo bebuya esontweni.
Kuso lesi sigameko, uthe kwaphinde kwalimala indodana yakhe eneminyaka engu-13 nendodakazi eneminyaka engu-11.
Uthe kuze kube yimanje akukho okuphathekayo osekwenziwe ngecala.Iphoyisa eselathatha umhlalaphansi, uMnuz Bhekabakubo Dlamini, lithe kufanele uCele ethule indlela ebuyekeziwe yokusebenza kwamaphoyisa.
“Ngezikhathi zethu iphoyisa lalingajwayelwa noma ngubani. Abantu babekwazi ukusebenzisana namaphoyisa kodwa bewahlonipha,” kusho uDlamini.
Uthe kuzodinga ukuthi amaphoyisa ashintshwe eziteshini azisebenzelayo ukuze angezosebenza endaweni eyodwa isikhathi eside kuze kwakheke ubungani nezigebengu.
“Thina sasaziswa ngaleso sikhathi sekufanele sihambe ukuthi siyahamba. Sasilandela iveni ephambili, sihambe sibuzana sodwa ukuthi engabe siyosebenzaphi. Lokhu kwakulekelela ekutheni kungabi bikho phoyisa elizotshela izigebengu ukuthi amaphoyisa ayeza,” kusho uDlamini.
Elinye ilungu lomphakathi liveze ukuthi kwabulawa umfowabo owayeyiphoyisa ngentululwane yezinhlamvu, lathi uCele kufanele azi ukuthi namaphoyisa ayabulawa kule ndawo.
Ephendula uCele, uthe emasontweni amabili ezayo kuzofika ithimba elizophenya wonke amacala abucayi enzeke kule ndawo.
Phakathi kwawo, uthe yilawo aphakanyiswe yilabo abeze ngaphambili kule mbizo ukuzosho ukuthi akukaze kwenziwe lutho ngawo nangu108 athe abasolwa bakhona bakhishwe ngebheyili enkantolo.
“Leli thimba kuzofanele liphinde liphenye nalabo abathole amabheyili bebulele, bedlwengulile ukuthi bathole amabheyili ngoba begeze kuphi,” kusho uCele.
Uphinde wathi luzobhekisiwa nolwamaphoyisa asolwa ngokuba ngamazambane abolile ngoba apenda ngopende omnyama namaphoyisa asebenzayo bese kwakheka isithombe sokuthi wonke amaphoyisa awasebenzi.
Uthe uzoletha amaphoyisa amabherethe azoqoqa izigebengu emphakathini.
Uveze ukuthi isiteshi saseHarding sizonikwa amaveni amahlanu, wathi sizohleshulelwa amaphoyisa kulawo angu-10 000 azophuma ekuqeqeshweni ngoDisemba.
“Sizobheka ukuthi lokhu kungenelela akuwenzi yini umehluko. Uma kungawenzi, sizobe sesiletha isiteshi esingumahambanendlwana,” kusho uCele.
Uthe eHarding kuzogijima amaphoyisa angaziwa ukuze kuliwe nobugebengu.
Uthe uyayizwa iyaqina eyokuthi amaphoyisa angasetshenziswa eziteshini zangasemakubo futhi bazolucabanga lolu daba.
Ebhekise emaphoyiseni ayizigebengu, uCele uthe; “Amaphoyisa agqoka umfaniswano oluhlaza kodwa uma engayifuni leyo, ikhona esawolintshi (echaza izingubo ezigqokwa ejele).”
Ekhuluma namaphoyisa, uthe alikho iphoyisa okufanele life liphethe isibhamu ngesandla. Uthe uncamela ukuyoboshwa, aboshelwe le nkulumo yilabo asebeze bamyisa nakwikhomishini elwela amalungelo abantu.