LIYALELWE ukuthi licubungule isigatshana esithinta ukudayiswa kotshwala ezikoleni zakuleli uma kunemicimbi yesikole, ikomiti lezemfundo ePhalamende, njengoba isigcawu somphakathi siyichitha eyotshwala ezikoleni.
Lokhu kuvezwe nguSihlalo wekomiti lezemfundo uNkk Bongiwe Mbinqo-Gigaba, othe isigcawu somphakathi ebesise-Thobi Kula Indoor Sports Centre kuKomani, e-Eastern Cape ngempelasonto, sichithe eyotshwala ezikoleni.
Uthe kulesi sigcawu kuphakanyiswe ukuthi kube nezinye izindlela zokuqoqela izikole imali.
“Ichithiwe eyotshwala ngokuthi kuthiwa izogqugquzela abafundi ukuthi baphuze utshwala. Kuthiwe asichibiyele lesi sigaba sizame ezinye izindlela zokuqoqa imali.”
Uthe othisha bakhale ngokuthi akumele kube wumthwalo wabo ukubhekela abafundi abakhulelwe ezikoleni.
“Baveze ukuthi abaqeqeshelwe ukwenza lo msebenzi. Bathe izandla zabo zigcwele ngoba kumele bafundise nsuku zonke.”
Uthe okunye okukhalwe ngakho ngukuthi nakuba induku yavalwa kodwa umthetho awusho lutho ngothisha abashaywa abafundi nokuthi kumele babenzenjani.
Uveze ukuthi kuhlukane imibono ngokufundela ekhaya kwabanye abafundi abazali babo abanemali wathi kuthiwe umnyango okumele ube nezwi.
Uthe inhloso yokuhambela imiphakathi ehlukene ukuzwa ukuthi ithini mayelana nomthetho wezikole.