ILUNGU le-IFP ePhalamende likazwelonke, uMnuz Narend Singh, lithi sekuyisikhathi sokuthi kubhekisiswe ukubuyiswa kwesigwebo sentambo ukuqinisekisa ukubhekana nabenzi bamacala ahlukumeza umphakathi.
Ubekhuluma nabezindaba ngesikhathi eyobhonga emswaneni emndenini womfundi, uLusanda Nkomo (10) waseMkhomazi, isidumbu sakhe esitholwe silaxazwe ehlathini elingaphesheya kwakubo.
Kulesi sigameko kuboshwe umakhelwane oyiNdiya, uMnuz Rojas Teruman (57), obevele eNkantolo yeMantshi yaseScottsburg ngesonto eledlule, icala lahlehliselwa u-Ephreli 17, nonyaka.
USingh uthe ukulahleka kwempilo yengane engenacala kuyinto ebuhlungu, engabekezeleki.
“Ukubulawa kwengane encane kangaka okusolwa ukuthi kwenziwe umakhelwane, kuyadumaza kakhulu. Sekunesikhathi sikhuluma ngokuthi kubhekwe ukubuyiswa kwesigwebo sentambo. Uma ufika emakhaya okwenzeke kuwo izigameko ezinjengalezi, ubona omama bekhathazekile futhi kwaziwa ukuthi ubani isigilamkhuba, kushiya imibuzo ekutheni kungani leso sigilamkhuba sifanele ukuphila?” usho kanje.
Uthe bayakuqonda ukuthi uMthethosisekelo wakuleli uqinisekisa ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuphila, kodwa esikhathini esifuze lesi, uyazibuza ukuthi uMthethosisekelo uthini ngelungelo lokuphila labagilwa?
Isidumbu sikaLusanda okuthiwa ubefunda uGrade 4 esikoleni iDrift Primary, kuthiwa satholwa umelusi wemfuyo silahlwe ehlathini elingaphesheya kwemizi ngemuva kosuku anyamalala ngalo.
Wayegcine ukubonakala ehamba nomsolwa oqashe kamakhelwane, izingane ezimbiza ngomalume, ngayizolo.
Kuthiwa wayekade ephuma esontweni ngesikhathi ebizwa umsolwa emthuma okuthile esitolo, okuthe uma ebuya wamcela ukuthi amphelezele ayocinga inja yakhe emizini engaphesheya.
Umphakathi obuthukuthele ugane unwabu ngesikhathi kutholwa isidumbu sentombazane, uphikelele lapho kuqashe khona umsolwa wakhiphela izimpahla zakhe emnyango wazokhela ngomlilo.
USingh uthe nakuba ebuqonda ubuhlungu obuzwiwa umphakathi, kodwa ukuzithathela umthetho ngesandla akusona isixazululo.
Unxuse amaphoyisa ukuthi asebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi abenzi bobubi ezigamekweni ezinje, bayavalelwa
ULusanda ufihlwe izolo, emngcwabeni obuhanjelwe yizikhulu zikahulumeni wesifundazwe obekukhona kuzo uMphathiswa woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu nemiSebenzi yoMphakathi, uMnuz Sipho “KK” Nkosi nomqondisi-jikelele eHhovisi likaNdunankulu, uDkt Nonhlanhla Mkhize nabanye.