BAFUNA akhalelwe amasongo kaSigonyela omakhelwane, umyeni wowesifazane wakwa-A eSiyanda, KwaMashu, ozwakale emshaya entathakusa ngoMgqibelo, kwasa ekuseni eseshonile.
UNkk Nontobeko Ntshangase uqinisekiswe njengoseshonile emtholampilo wendawo, i-Poly.
Ngokusho komthombo ocele ukungadalulwa, bamzwile umyeni kamufi emshaya phakathi kwamabili, embuza ikhadi lakhe lasebhange.
“Ubelokhu esho into eyodwa umufi ukuthi akalazi ukuthi likuphi. Kuzwakale eshaywa, bese ezwakala ekhala,” kusho umthombo.
Uqhubeka nokulandisa ngodaba umthombo uthe kuze kwavela ukuthi ushonile uNkk Ntshangase ngesikhathi kuquleka obelungisa uphahla lwendlu ngabo 11 ekuseni.
“Kuthiwe akuvuswe yena uNkk Ntshangase azosiza njengoba ebebuye asebenze nodokotela abehlukene, kwavela ukuthi ulele embhedeni, akavuki,” kusho umthombo.
Uthe umyeni uvele wamfaka emotweni umufi, wamphuthumisa ePoly.
“Ufike wakhuluma eyokuthi akavuki, akazi ukuthi yini ndaba. Kuthiwa uyalele umhlengikazi ukuthi akaphuthume abize abamakhaza abazimele ukuze bazothatha isidumbu,” kusho umthombo.
Uqhube wathi ngaphambi kokuthi enze lokho, umhlengikazi uqome ukuthi ahlole isidumbu sikamufi wathola ukuthi unengozi entsha ehlanzwe igazi.
“Wale waphetha ukubiza abamakhaza, wathi njengoba ebona ingozi, uzoqale abize amaphoyisa,” kusho umthombo.
Uthe kuthe uma sebeyokhalisa umndeni, bathola udaba lokuthi umyeni umgqimuze ebhokisini lomshado (kist) umufi ngesikhathi bexabana.
Uqhube wathi bathole nokuthi lophele phansi igazi likamuf emva kokushawa kodwa umyeni wabiza umfowabo ukuthi azomhlanzisa lona.
“Kuthiwa umbambe naye, wamlalisa kahle embhedeni,” kusho umthombo.
Uveze izinsolo zokuthi bese kukudala yaqala indaba yokuhlukunyezwa kukamufi umyeni.
“Kukhona omakhelwane ebebeze bemcele ukuthi akashiye ayofuna enye indawo yokuhlala ngoba lo muntu uzogcina embulele,” kusho umthombo.
Uqhube wathi umufi ubesecwile ngisho nasophuzweni oludakayo, kuthi uma bembuza ukuthi kungani, aphendule ngokuthi “ukuthi anazi”.
Ikhansela lendawo uMnuz Nhlanhla Sibisi livumile ukuthi libikelwe ngesigameko.
“Impela umphakathi oseduze uthe owesifazane ubulawe umyeni wakhe,” kusho uSibisi, othe bazoya ukuyohlanganisa amehlo nomndeni ukuze bezwe ukuthi kwenzekeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aKwaMashu avule idokodo lokufa komuntu ukuze liphenywe emva kokuthi owesifazane eqinisekiswe njengoshonile emtholampilo wendawo.
“Ngesikhathi amaphoyisa efika, atshengiswe isidumbu sikamufi ebesinamanxeba esiphundu nezibazi emzimbeni,” kusho uNetshiunda.
Uthe ngokombiko wamaphoyisa umyeni kamufi uthe uthole umbiko wokuthi umkakhe utholwe elele emgwaqweni, kwathi uma efika kuye wamthola ephefumulela phezulu, wase emphuthumisa emtholampilo.
"Akukaziwa ukuthi yini eholele ekutheni alimale aze ashone,“ usho kanje.