UNEMIBUZO umndeni wowesilisa waseChesterville, eThekwini, okuthiwa wabulawa yisihlobo sikammangali ngaphakathi esiteshini samaphoyisa oThongathi, maphakathi nenyanga.
Kuthiwa umufi, uMnuz Thabiso Shangase (29), wabhudukezwa yilona owesilisa, okuthiwa wayekhaphe udadewabo owayegqekezelwe eze esiteshini samaphoyisa.
Ngokusho kukagogo kamufi, uNksz Jabu Mthembu, ngo-Ephreli 15, bathola ucingo lokuthi umufi useshaqwe ngamaphoyisa asoThongathi, esePhoenix.
Uthe umufi uboshwa nje, uyamaniswa necala lokugqekeza okuthiwa lenziwa abesilisa ayebagibeze emotweni ayehamba ngayo ekhokhelwa ngebanga elihambile.
“Sinikele khona esiteshini samaphoyisa, simphathele izingubo zokugqoka nokudla kodwa sahlala kwaze kwaba yileyo ndaba, singavunyelwa ukuba simbone,” kusho uNksz Mthembu.
Uqhube wathi kukhona iphoyisa elabatshela ukuthi usaphume namanye amaphoysa, lathi uma kwenzeke njalo kusuke kuphakathi kokuthi uyoshawa noma uyokhomba indawo yesigameko.
Uveze ukuthi kwabuye kwaba khona elinye abalijwayele, elabahlebela ukuthi amampunge ukuthi usaphumile, ukhona ngaphakathi esitokisini, limbonile, laze lakhuluma naye ngakho abaqhubeke balinde.
“Laze lasitshela ukuthi ekuxoxeni kwalo naye, washo ukuthi uthe kwaleli cala aboshelwe lona akalenzanga, kodwa lenziwa yilaba abagibeza emotweni, wathi omunye wabo uyamazi. Lathi lamtshela ukuthi kuzofanele akhulume lonke iqiniso ngaphandle kokwesaba,” kusho uNksz Mthembu.
Uqhube wathi bagcina begoduka ngabo-6.30 sekuhwalele bengambonanga, kwathi ngabo-9 ebusuku baphinde bathola olunye ucingo lubabizela esiteshini futhi.
“Sathi uma sifika, kwathiwa asiphuthume esibhedlela Osindisweni siyombheka ngoba ulimele. Sathi uma sifika esibhedlela, udokotela wasitshela ukuthi ufike esibhedlela ngabo-7.30 ebusuku eseshonile,” kulandisa uNksz Mthembu.
Uthe bathi uma bebabuza ukuthi kwenzakaleni, amaphoyisa abatshela ukuthi kwangena umfowabo kammangali, wamshaya.
“Thina sixakwa ukuthi sanqatshelwa ukuthi simbone uThabiso, kodwa umhlaseli yena wavunyelwa ukungena. Sifisa ukwazi ukuthi kwenzeka kanjani lokho? Sifuna nokwazi ukuthi wazi kanjani ukuthi ukusiphi isitokisi?” usho kanje.
Uphinde wathi kuyabakhathaza ukuthi isiphi isikhathi ahlaselwa ngaso njengoba bona bahamba ngabo-6.30 sekuhwalele esiteshini kanti udokotela wasoSindisweni uveze eyokuthi wafika ngo-7.30 eseshonile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asoThongathi aphenya icala lokubulala emva kokuthi umsolwa owayeboshwe ngecala lokugqekeza washawa ngaphakathi esiteshini samaphoyisa.
“Umsolwa wakhishwa esitokisini umphenyi wecala ngenhloso yokwenza uphenyo. Ummangali naye wayeyalelwe ukuthi eze esiteshini samaphoyisa ukuzobhalisa isitatimende,” kusho uNetshiunda.
Uqhube wathi ngesikhathi bengaphakathi ehhovisi, umfowabo kammangali wabhozomela umsolwa, owavele wawa waquleka.
“Kwabizwa abezimo eziphuthumayo, wanikwa usizo oluphuthumayo endaweni yesigameko ngaphambi kokuba aphuthunyiswe esibhedlela lapho afike washonela khona,” kulandisa uNetshiunda.
Uvese ukuthi umbulali waboshwa, wabekwa icala lokubulala, wathi uzophinde avele enkantolo ngoJuni 24.