KUME ingqondo emndenini wakwaMbeje, eNewlands West, kunyamalala ilungu lawo libuya esabatheni ngoMgqibelo.
UNksz Senamile Mbeje (18) kuthiwa wagcina ukubonwa umndeni wakhe ephuma ethempelini eThandazani.
Ngokusho kukanina, uNkk Nkosigiphile Mbeje, uSenamile waphuma emva kokuphela kwenkonzo yokuqala, engumuntu oya ekhaya.
“Kwakungabo-11:30 ehamba enkonzweni sazitshela ukuthi sizomfica ekhaya. Sashaqeka uma singamfici. Saze sabuyela emumva ethempelini siyombheka kodwa nakhona sangamthola,” kulandisa uNkk Mbeje.
Uthe ngokwejwayelekile uSenamile uye ahambe naye ngemoto uma beya noma bebuya ethempelini. Uthe kokunye, kuyenzeka ahambe nabangani bakhe ngezinyawo kodwa ngosuku anyamalale ngalo wayehamba yedwa.
“Sididekile ukuthi kwenzekeni ngempela ngoba uSenamile akalona uhlobo lomuntu owuvanzi. Uhlala ezihlalele ekhaya, futhi uwumuntu othulayo, akufani naye ukuthi avele anyamalale nje angaziwa, le nto iyasethusa,” kusho uNkk Mbeje.
Amaphoyisa abengakayiphenduli imibuzo athunyelwe ngalolu daba.