USASHAQEKILE umphakathi nomndeni wesalukazi esibulawe, isidumbu saso satholwa sikhiyelwe emzini waso, silaliswe echibini legazi sinamanxeba okugengcwa ekhanda nasemzimbeni, eStepmore, e-Underberg, kuMasipala wase-Dr Nkosazana Dlamini-Zuma, ngeSonto.
Umndeni kaNkk Mayvis Lieketseng Molefe (62), uthi usadidekile ngokuholele ekubulaweni kwakhe ngesihluku, njengoba kungekho okutheni ababulali abakuthathile ngesikhathi begila lo mkhuba.
Umshana wakhe, uNksz Kiki Molefe, uthe umalumekazi wakhe ubesehlala yedwa ngenxa yokuthi amanye amalungu omndeni abesezindaweni ezehlukene ngenxa yokubamba amatoho.
“Ababulali bathathe kuphela imali yakhe yempesheni namaselula maqede bakhiya. Kunobabekazi owakhe endaweni obehleze njalo emvakashela. Uthe ugcine ukukhuluma naye ngoLwesine, ngesikhathi ephuma edolobheni ukuyothenga okuthile, kwawumuntu ozoya emshadweni obusendaweni ngoMgqibelo,” usho kanje.
Uthe akabonakalanga emshadweni, kuthe uma ezwa ngasonta nabo ukuthi nangeSonto abambonanga esontweni, udadewabo kamufi wanquma ukuya eyobheka emzini wakhe, wafica kukhiyiwe. Uthe kuphoqe ukuthi abize abanye besilisa abasize ekutheni kugqekezwe indlu, nokuyilapho bezithele phezu kwesidumbu ebesilimele ngendlela exakile.
Ikhansela lendawo, uMnuz Sikhumbuzo Mlibeni, lithe lesi isigameko sithuse abantu abaningi endaweni njengoba kungokokuqala ukuthi senzeke.
“Yize isigameko esifuze lesi senzekile ku-ward 8 ngaphansi kwalo masipala kodwa besingakaze senzeke kweyethu i-ward, okushiye amalungu omphakathi esaba kakhulu.
“Lesi yisigameko esibuhlungu kakhulu. Siyafisa ukuthi amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla kuboshwe izigilamkhuba. Sizovakashela umndeni kusasa (namhlanje), ukuze sibone lapho singalekelela khona,” kusho uMlibeni.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, ukugxekile ukubulawa ngesihluku kwalo wesifazane.
“Ukubulawa kwabantu besifazane sekufinyelele kwelinye izinga lobulwane ezweni lethu. Kumele sonke sisukume silwe nalobu bugebengu. Ziningi izigebengu ezingasenanembeza, ezibulala izaguga emphakathini wethu. Kubuhlungu ukuthi kusanemindeni eshiya izaguga zodwa emakhaya,” kusho uNkk Khoza.
Lo mnyango uqinisekise ukuthi uthumele ithimba labasebenzi bawo ukulekelela umndeni ngalesi sikhathi esinzima.
Amaphoyisa abengakaphenduli ngalesi sigameko.