BAKHALA ngokuxoshwa emsebenzini yimeya kuMasipala waseBaqulusini, abasebenzi abane abasebenza ohlelweni lwe-Expanded Public Work Progamme, okuthiwa bahlanganyele namalungu omphakathi kubhikishelwa ukukhishwa kukagesi wezinyokanyoka, eHlobane.
Kulo mbhikisho kushone uMnuz Thokozani Masondo (28), okuthiwa uhlangabezane nenhlamvu izidlulela, okusolakala ukuthi iqhamuke ngasohlangithini lonogada bakamasipala abebejutshwe ukuzodambisa isimo ngesikhathi umphakathi ubhikisha.
UMasondo ungumshana kaMnuz Sanele Mazibuko ongomunye wabathathu okuthiwa bakleliswe yiMeya, uMnuz Khehla Mkhwanazi, ekutheni bathathelwe izinyathelo ngokuba yingxenye yombhikisho nokumchapha ngenhlamba.
Kwi-video okuthiwa iqoshwe ngaphambi kokubulawa kukaMasondo, uMkhwanazi lapho ekhuluma khona namalungu omphakathi emhlanganweni, uzwakala ezishaya isifuba ngokuba wumqashi, ngakho okungekho umsebenzi onelungelo lokumgibela ekhanda osebenza kumasipala aphathiswe wona, wayalela nemenja kamasipala ukuthi ibhekane nalaba basebenzi.
Okunye okushiwo kule video ecishe ibeyimuzuzu beyisikhombisa uthi; “... Ngithi mina ngeke ngivume ukuthi ngibuyiselwe emuva ngama- EPWP athile nje angenzi kahle. Bese ngisho amane aseHlobane. Ngithi ngimi lapha nje ngishaqekile, ngishaqwe ukuthi abantu abaqashwe wuMasipala waseBaqulusini, kade bengichapha ngenhlamba emgwaqweni, futhi betshela mina njengomeya wabo ukuthi abangifuni nokungibona, sengathi ngiyile nto nje. Ngithi mina MM (municipal manager), njengoba ulana eduze kwami, uma ukwazi okukufanele, ngicela udile nale nto. Ngoba akukwazi ukuthi uma kukhona umsebenzi wakamasipala noma ngabe ucasulwe yini, bese ekhwela ekhanda kimi…”
Uphinde ezwakale eveza ukuthi into yakhe nomunye walaba basebenzi i-personal.
Ngesikhathi Isolezwe lithinta lo msebenzi, uqinisekise ukuthi bobane baxoshwe uMkhwanazi kodwa azikho izincwadi abanikezwe zona zokuxoshwa. Uthe okumdida kakhulu okwenze kwamcacela ukuthi uxoshiwe, ukuthi kuze kube manje akakaze awuthole umholo wakhe wangenyanga edlule, ngakho kuyamxaka ukuthi uMkhwanazi ubeqonde ukuthini ngalawa mazwi.
Umasipala uzichithile izinsolo zokuxoshwa kwalaba basebenzi. Esitatimendeni sawo esithunyelwe Isolezwe, uMkhwanazi uthe abasebenzi baqashwe ngaphansi koMnyango yemiSebenzi yoMphakathi ngakho abekho abaxoshiwe.
“Bonke laba basebenzi basakleliswe ohlwini labasebenzi kumasipala. Ngakho akusilona iqiniso ukuthi labo abazibandakanya nombhikisho womphakathi ongagunyaziwe, sebexoshiwe,” kubhalwe kanje.
Kulesi sitatimende, uqinisekise ukuthi ukuzibandakanya kwabasebenzi embhikishweni ongagunyaziwe, kuphambene nemigomo yabasebenzi.
Amalungu omphakathi abethutheleke eNkantolo yeMantshi yaseVryheid obekulindeleke ukuthi kuvele kuyo unogada okuthiwa uboshwe ngoLwesihlanu emva kokudutshulwa kukaMasondo, kodwa kwavela ukuthi wabuye wadedelwa.