UPHUME udumele umndeni wowesifazane okuthiwa wagwazwa wabulawa yisoka lakhe ngesikhathi inkantolo yeMantshi yaseThekwini imdedela ngebheyili enemibandela umsolwa.
UMnuz Mhleli Ndaba (31) waboshwa ngecala lokubulala intombi yakhe, uNksz Dima Phohlo esigamekweni esenzeke emasontweni amathathu edlule.
Umufi kuthiwa emasontweni amane edlule wahilizisana noNdaba besemzini wakhe (uNdaba) oseMorningside.
Enkantolo ngoLwesibili kuvele ukuthi kune-video eveza uNdaba ehubha umufi aze amfice emgwaqweni bese eyamgwaza esegingqike phansi.
Kuvela ukuthi ubonakala emgwaza amanxeba ephindelela phambi kwezingane zabo.
IMantshi, uXolile Manjeza imnike ibheyili kaR20 000 enemibandela uNdaba.
Umbandela wokuqala ngowokuthi angalinge asondelane nabantwana bakhe abane.
Owesibili ngowokuthi angalubhadi eMorningside lapho okwenzeka khona isigameko.
Owesithathu ngowokuthi angalinge aphazamise uphenyo.
Imantshi ithe umsolwa imnika ibheyili ngoba leli icala lokuqala abhekene nalo, akakaze atholakale enecala phambilini.
Lathi abukho ubufakazi bokuthi uke wasabisa amalungu omndeni kamufi. Lathi futhi akakaze abandakanyeke odlameni phambilini.
"Yize kuvela ukuthi kukhona umuntu owayelamula ngesikhathi sesigameko kodwa akuveli ukuthi loyo muntu useke wasongelwa nguNdaba," kuchaza imantshi.
Ngemuva kwalawa magama emantshi kube nokuhhomuzela enkantolo kumalungu omndeni kamufi nawomphakathi.
Unina kamufi, uNksz Makgetho Phohlo ubonakale ephuma enkantolo ejabhile.
Uthe kabathokozile ngesinqumo sokudedelwa kukaNdaba.
Uthe bazizwa bengaphephile wachaza uNdaba njengowesilisa oyingozi kubona.
"Thina sazi ukuthi lo muntu uyingozi. Siyaxakeka ke uma inkantolo ithi akasiyona ingozi," usho kanjena.
Uthe kuke kwaba nesigameko lapho uNdaba eke wakhomba khona umufi ngesibhamu.
Uveze nokuthi kunezigameko ezingalungile aseke wabandakanyeka kuzona.
Phambilini uNksz Phohlo wenza incwadi efungelwe eyafundwa nguMshushisi uCalvin Govender echitha ukuthi uNdaba wondla izingane.
UNksz Cecilia Motaunyane naye oyilungu lomndeni ukhale ngobudedengu benkantolo ngokudedela uNdaba.
Naye ukhale ngokuthi bazizwa bengaphephile ngemuva kwalesi sinqumo senkantolo.
Uthe abanaso isiqiniseko sokuthi umseshi wecala uthole konke mayelana nempilo kaNdaba.
“Ukuba ukuthole konke ngicabanga ukuthi ngabe akazange ayithole ibheyili,’’ usho kanjena.
Icala lihlehliselwe uJanuwari 25, 2024 ukuze kuqhubeke uphenyo.