BACHONYWE uphaphe lwegwalagwala eminxeni eyahlukene abasebenzisana noMasipala waKwaDukuza ngokuzikhandla ngomsebenzi wabo.
Laba baklonyeliswe ngezindondo emcimbini omkhulu obuhlelwe yilo masipala, obusehholo iKwaDukuza Town Hall. Bekunemiklomelo yezindondo iMasakhane Awards.
IMeya uNkk Lindiwe Nhaca uthe badinga ukushayelwa ihlombe bonke abasebenzisana nalo masipala.
''Inhloso enkulu ngalezi zindondo ukukhuthaza ukusebenza ngokuzikhandla kubona bonke abantu abasebenzisana nathi njengomasipala,'' esho.
Omunye wabahlomule ngezindondo lapha kube nguNksz Welile Gumede emkhakheni weBest Youth in Agriculture.
UNksz Gumede unguSihlalo wenkampani i-Azowel Projects. Ngaphansi kwayo uthi uqashe ngokugcwele abantu abasha abangaphezulu kuka-20.
"Kuyangijabulisa ukuthi namhlanje ngihlonishwe ngale ndlela. Ngiyabonga kakhulu,'' usho kanje.
Emkhakheni weBest Local Employer kunqobe inkampani iHesto Hernesses okuvele ukuthi isidale inqwaba yamathuba emisebenzi emphakathini.
''Siyabonga kule nkampani ngoba iqiniso ukuthi isikwazile ukuthi idale amathuba emisebenzi amaningi kubantu bakule ndawo,'' kuncoma uNkk Nhaca.
KwiBest Ward Committe kunqobe uWard 5 ongaphansi kukaKhansela uBartman Mtolo.
UNksz Phamela Mkhize noNksz Londiwe Msane bathe kule ward izinto zihamba kahle ngenxa yokuthi benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi intuthuko iyafinyelela kubantu.
Kumkhakha weBest Awards for Acting Beyond the call of duty uye kwikwaDukuza Municipality Life Guards.
"Badinga ukunconywa kakhulu abeKDM Life Guards, mkhulu umsebenzi abebewenza nangezikhathi ezibucayi zezikhukhula,'' kuchaza uNkk Nhaca.
Kumkhakha weBest NGO kunqobe iMasithandane, iKDM Childrens Welfare, Inqolobane, Othandweni Childrens Home neSafe Heaven.
Kumkhakha weBest Women with Disability, uye kuNksz Bongi Ngcobo.
UNkk Nhaca uthe likhulu iqhaza elibanjwa ngabaphila nokukhubazeka kulo masipala. Wamethulela isigqoko uNksz Ngcobo ngokuhlale njalo esebenzisana nabo.