IWUNDABUZEKWAYO ividiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana iveza owesifazane ehlaselwa ngabesifazane bemsola ngezinsolo zokuthi usabalalise izinkulumo zokuthi uNyazilwezulu lulala namakhosazana eBuhleni, naye useke walala nalo.
Lo wesifazane elingaziwa igama lakhe uvela kwiFacebook egqoke umnazaretha eshawa ngabesifazane abazwakala bekhuluma kodwa bengaveli, bebuza ukuthi usebenzela bani njengoba engcolisa igama loNyazilwezulu?
Uthi uma ethi uzama ukuchaza kuqhume impama agcine esebheke phansi. Abesifazane abamthethisayo bakhuluma kanyekanye futhi bambamba nangesidlozana. Kukhona oze abize igama lomunye umholi wamaNazaretha, uebuza ukuthi uthunywe nguyena yini ukuthi angcolise igama loNyazilwezulu. Yonke imibuzo ugcina engayiphendulanga njengoba bengamniki thuba bemxina nangezimpama.
KuFacebook, kuthiwa intokazi ikhonza ethempelini Ekujuleni kwaMbonambi, kodwa umkhokheli wethempeli kuthiwa uthe ayikhonzi khona. Kuthiwa uveze ukuthi yake yafika kanye ethempelini futhi inengane, ayikho ohlwini lwamakhosazana aseBuhleni.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe abayazi le ntokazi ebandleni.
“Okokuqala engicela ukukucacisa ukuthi, asinasiqiniseko sokuthi abantu abebehlasela le ntokazi ngabaseBuhleni. Lokho sikusho ngoba akekho ovelayo kodwa sizwa amazwi abo kuphela. Noma kunjalo kodwa asikugqugquzeli ukushawa kwabantu. Kubi kakhulu futhi uma beshawa egameni lomholi ngoba asinalo iqiniso lalokhu okushiwo ngayo. Uma kungukuthi ngampela ikushilo lokhu okuthiwa ikushilo nayo yenze iphutha kodwa esingasho ukuthi akumele ishawe. Bekumele uma inezikhalo iye emaphoyiseni kunokuthi ikhulume ezinkundleni zokuxhumana. Lento yenza sisole ukuthi kunomkhankaso wokudicilela phansi isithunzi senkosi uNyazi,” kusho uMncwabe.