MHLENGI SHANGASE
I CHITHIWE eyokufaka intela kulabo abaneziqu ukuze kukhokhelwe imfundo yamahhala njengoba izinhlangano zabafundi zithi akukhokhiswe intela osomabhizinisi abathatha imali bayoyitshala kwamanye amazwe.
Lesi ngesinye seziphakamiso ezibhungiwe engqungqutheleni yemfundo ephakeme ebiseThekwini ngale mpelasonto kulandela izinkinga ezibhekene nokuxhaswa kwabafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Le ndaba isematheni njengoba ezikhungweni eziningi kukhulunywa eyokunyuswa kwemali yokufunda ngonyaka ozayo.
UMengameli weSasco, uNtuthuko Makhombothi, uthe bayichitha isahlongozwa eyentela kulabo abaneziqu ukuze kugcwaliseke iphupho lemfundo yamahhala kuleli.
Uthe okungenani akube nentela ezofakwa kosomabhinizisi bakuleli, ikakhulu kulabo abathatha imali bayoyitshala kwamanye amazwe.
“Akukwazi ukuthi ungafaka le ntela ngoba abantu abasebenzayo yibona abanezikweleti kakhulu. Uthola umuntu esebenza enomuzi, imoto nezinye izindleko ngakho le mali ezofakwa uzoyithathaphi? Akuthathwe emalini yamakhono noma kuma-Seta ukuze kuxhaswe imfundo yamahhala. Siyayifuna nokho imfundo yamahhala ngoba yinto i-ANC eyavumelana ngayo engqungqutheleni yasePolokwane ngo-2007,” usho kanje.
Isikhwama esixhasa abafundi ngemali, iNational Students’ Financial Aid Scheme, sibhekene nomqansa wokungakwazi ukuqoqa imali kulabo abasikweletayo.
U-Isaac Luthuli, oyiPhini likaNobhala woFasimba, uvumelane noMakhombothi ngokuthi akube nentela ethe xaxa ezofakwa kwabamabhizinisi ngoba yibona abazuza kakhulu.
“Uma ubheka abantu abazuza kakhulu ngabafundi abasuke beneziqu, abamabhizinisi nemikhakha ezimele. Uma kungase kufakwe intela ethe xaxa ngeke bakhale ngoba bahlomula kakhulu,” usho kanje.
USihlalo webhodi leNSFAS, uMnuz Sizwe Nxasana, uthe ngonyaka baqoqa cishe u-R240 million ekubeni imali abakweletwa yona ibalelwa ku-R6 billion.
Uthe kumele kubhekwe nezinye izindlela zokuqoqa imali ukuze lifezeke leli phupho lemfundo yamahhala.
UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande unxuse abemikhakha ezimele ukuthi bafake isandla ngoba bayazuza ngabafundi.
“Imikhakha ezimele iyona ezuza kakhulu ngabafundi abakhiqizwayo, ngakho sithi ayibe yingxenye yalokhu ifake isandla.”
UDkt Dianne Parker, ophethe amanyuvesi, uthe akukhona ukuthi umnyango awufuni ukuhlinzeka ngemfundo yamahhala kodwa ngukuthi abakwazi ukuthola imali ethe xaxa kuMgcinimafa.
Ubalule nentela kulabo abaneziqu wathi mhlawumbe lokho kungaba isisombululo ezinkingeni ezibhekene nemfundo ephakeme.
“Umnyango uyayifuna eyemfundo yamahhala kodwa inkinga asikwazi ukuthola imali ethe xaxa yokwenza lokhu. Cishe sidinga ngaphezulu kuka-R30 billion ukuqalisa lolu hlelo ekubeni okwamanje lesi sikhwama sixhaswe cishe ngo-R9.5 billion.”
UNzimande uthe kukhulu osekwenziwe uhulumeni njengoba abafundi abenza unyaka wokugcina uma bephasile imali abayikweletayo iphenduka umfundaze kulabo abafunda ngoNSFAS.