UMHOLI wabaphenyi becala lokufa kukaSenzo Meyiwa, uBrigadier Bongani Gininda, uthi abamangalelwa kuleli cala babehamba bexoxela abangani ngolwazi lwabo lokufa kukanozinti, okwaholela ekuboshweni kwabo.
Icala belibuya okokuqala kulo nyaka selokhu laguqa ngonyaka odlule kugula ummeli.
UGininda ubethula ubufakazi eNkantolo eNkulu ePitoli lapho kuqhubeka khona ukuqulwa kwecala lokufa kukaMeyiwa. UMeyiwa wadutshulwa wafa ekubo kwentombi yakhe, uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng ngo-2014.
UGininda ubephekwa ngemibuzo wummeli u-Adv Thulani Mngomezulu. Bekubangwa ukuthi uGininda wayithola kanjani incwadi egunyaza ukuboshwa kwabamangalelwa.
Kube yisikhathi eside kubangwa lolu daba, uMngomezulu esola uGininda ngokuthi wathola incwadi ngokungemthetho.
Umbango usekutheni sasikhona yini isidingo sokuthi kukhishwe incwadi egunyaza ukuboshwa kwabamangalelwa, ekubeni kwaziwa ukuthi babeboshiwe ngamanye amacala.
IJaji Ratha Makgoatlheng liyalele uGininda ukuthi afunde isitatimende esifungelwe asihambisa emantshini, eyagunyaza incwadi yokuboshwa kwabamangalelwa. Ngesikhathi uGininda efunda isitatimende, uchazele inkantolo ngokuthinteka kommangalelwa ngamunye.
“Abamangalelwa babehamba bexoxela abantu nabangani babo abasondelene nabo futhi kunabanye abangani abaxabana nabo, base beyobaceba emaphoyiseni ngalolu daba.
Omunye wabamangalewa wayehamba ekhuluma emakhaya KwaNongoma,’’ kusho uGininda.