UPHITHENE amakhanda umndeni wakwaMpangase eWestrich, eNewlands West, eThekwini, kulandela ukuthunjwa kwengane yawo ngoLwesithathu.
UNksz Thobile Mpangase ongumalumekazi wewele elilahlekile, uSibusiso Mpangase (9), uthe basola ukuthi uthunjwe owesilisa ohamba nge-Toyota Etios e-silver grey.
Uthe uSibusiso ulahleke ebuya kodlala epaki yendawo nezingane zabafana ezimbili zakubo, eyodwa eyiwele lakhe nenye eneminyaka engu-14. Uthe kwakungabo-9 ekuseni kwenzeka lo mshophi.
Uveze ukuthi izingane zithi zathi uma ziphuma nje epaki zibuya zeza ekhaya, kwama i-Etios eduze kwazo, umshayeli wayo owayehamba yedwa, wakhomba iwele likaSibusiso, wathi alize kuyena ufuna ukulithuma ugwayi nephepha lokuwugoqa esitolo.
“Lo ona-14 uthe wavele walidonsa ngengalo iwele likaSibusiso, wathi lingayi lapho,” kusho uNksz Mpangase.
Uthe lokhu wayekusho ngoba ekhaya babadonsa ngendlebe ukuthi bangasondeli ezimotweni zabantu abangabazi.
Uveze ukuthi uSibusiso yena wavele waziyela emotweni yale ndoda.
Uma emchaza uSibusiso, uthe uyingane egangile, basola ukuthi yileso kuphela isizathu abacabanga ukuthi samyisa emotweni yomuntu ongaziwa yize umndeni wabayala ukuthi bangakwenzi lokhu.
“Bafika ekhaya badla, bangasho ukuthi kwenzekeni ngenxa yobungane. Nathi saqala sanganaka ukuthi uSibusiso akekho. Ngesikhathi kuqhubeka usuku saqala sanaka ukuthi akekho uSibusiso ngoba kufanele ingabe useqhamukile wazodla naye.”
UNksz Mpangase uthe yilapho okwabuzwa khona izingane ayekade ehambe nazo ukuyodlala ukuthi uphi, zasho ukuthi uthunywe esitolo umalume wemoto ezingamazi.
“Ngabo-3 ntambama sekubuye nomkhulu wakhe, saqala sambheka yonke indawo ngisho nasebanganini bakhe abanye nakomakhelwane, kodwa bonke balandula,” usho kanje.
Uthe bagcina beya nasesitolo sendawo, umnikazi waso wathi akakaze afike uSibusiso esitolo ukuzothenga.
Ngakusasa bavukela emaphoyiseni ukuyobika, kwaqhutshekwa kwacingwa kodwa namanje ingane ayitholakali.
“Siphithene amakhanda. Siyazibuza ukuthi ingane ingabe iphi futhi injani lapho ikhona?” kusho yena.
Uthe ubugebengu bokuthunjwa kwezingane buyaqala ngakubo, bahlale bezwa ngezigameko zakude.
“Sifisa itholakale iphila ingane, ibuye ize ekhaya. Kubuhlungu njengoba singazi ukuthi ikephi. Unina kunzima kakhulu kuye, miningi imibuzo engenazimpendulo azibuza yona,” kusho uNksz Mpangase.
Echaza ngepaki nesitolo, uthe kokubili akuqhelile ekhaya, walinganisa ngokuthi ayipheli imizuzu emibili uhamba ngezinyawo uya khona.
Uthe ngosuku alahleke ngalo uSibusiso ubegqoke isikhindi esi-maroon nesikibha esinemikhono emifishane esiluhlaza.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNewlands East avule idokodo lokulahleka komuntu ukuba liphenywe.
Uthe lokhu amaphoyisa akwenze emva kokuthi uSibusiso Mpangase (9) kubikwe ukuthi unyamalele ngoMashi 20.
Unxuse noba ubani onolwazi ngokuthi uSibusiso uphi, ukuba athinte amaphoyisa enombolweni ethi: 08600 10111.