UMNDENI wezelamani ezimbili zabesifazane ezife kuqothwa abayisithupha emjondolo yase-Uganda, eMlaza, ngeSonto, ebusuku, usola ukuthi ababulali bebephethe uhlu olunamagama obekumele badutshulwe.
UMnuz Tsepo Mchunu onguyise omncane kaNksz Nonhlelelo Golimbiza (38) nodadebo uNksz Nandipha Golimbiza (30), ekhuluma neSolezwe, uthe ngendlela okwenzeke ngayo, kungathi ababulali bebephethe uhlu lwabantu abebezobulawa ngalolu suku.
“Besizothi bekuyisigameko sokubamba inkunzi kodwa uma ubheka ukuthi kukhona nabanye abadutshuliwe kwangathathwa lutho kubona, kuyacaca ukuthi ababulali bebephethe uhlu lokumele babulawe. Asazi ukuthi yisiphi isizathu esingenza kubulawe abantu ngale ndlela, sisashaqekile. Laba bantu ababulewe bekungesibona abangani kodwa bekungabantu abazanayo njengoba kuhlalwa ndawonye okwenza sidideke kakhulu,” usho kanje
UNonhlelelo kuthiwa ubengumnikazi wesitolo esincane esidayisa ukudla esikuyo imijondolo aphinde abeneminye imijondolo emine aqashisa ngayo. Yena nodadewabo uNandipha kuthiwa bebekulesi sitolo bezidayisela njengokwejwayelekile ngabo-9 ebusuku, ngesikhathi kungena abasolwa babalalisa phansi ngezisu.
Kulesi sigameko kuphinde kwadutshulwa noMnuz Nkosinathi Maranjana (24) okuthiwa ubezothenga ngesikhathi ezithela phezu kwabagilwa belaliswe phansi. UMaranjana kuthiwa uzamile ukubaleka kodwa abasolwa bamjaha babuya naye. Bobathathu abagilwa bangabokudabuka e-Eastern Cape.
UNonhlelelo ongumnikazi wesitolo, kuthiwa udutshulwa nje, ubesazikhotha amanxeba njengoba kuthe ngoMashi ka-2021, kwadutshulwa isoka lakhe nabangani balo ababili okuvela ukuthi nabo badutshulelwa kulesi sitolo.
Abasolwa kuthiwa bathathe isamba semali engadalulwanga, i-TV namaselula abagilwa, kanti kukholakala ukuthi badlulele kweminye imijondolo esendaweni ebuqamama nalapho kwenzeke khona esokuqala.
Esigamekweni sesibili; kuthiwa badubule uMnuz Ntobeko Mantengu (30) ongowokudabuka eMpangeni. Kuvele ukuthi ubeshayela itekisi elisebenza phakathi kweSiphingo neMalukazi. Ngokusho kukamakhelwane wakhe, abasolwa bambize ngegama bacela abavezele okokulayitha ugwayi, okuthe uma evula bavele bavulela ngenhlamvu wazama ukubaleka waze wayowela emva kwendlu.
“Bekuwumfana olungile simkhonze kakhulu. Ubengesona isixhwanguxhwangu, ehamba njalo ekuseni abuye ntambama njengoba ubeshayela itekisi. Kwenzeka lokhu nje, ubesamile kancane emsebenzini. Ukuqhuma kwesibhamu angikunakanga ngoba bengizitshela ukuthi kusaqhubeka uDiwali ngoba kwenzeke ngesikhathi sokuqhuma kweziqhumane, kanti sekubulawa abantu,” usho kanje
Kukholakala ukuthi abasolwa badlulele komunye umjondolo ebekulele kuwo uMnuz Cebolethu Zwane (29) nentombi yakhe (igama layo ebelingakaziwa), bashonele endaweni yesigameko. UZwane kuthiwa ubeshayela itekisi elihambela phakathi kweMayville neChesterville. Badlulele komunye umjondolo badubula owesilisa, yena ophuthunyiswe esibhedlela.
Usihlalo wekomiti elilwa nobugebengu endaweni, uMnuz Mandlenkosi Ngcobo, uthe sibashaqisile lesi sigameko.
“Izigebengu zisebenzise usuku lukaDiwali. Ngendlela ebeziqhuma ngayo iziqhumane ubungeke usole lutho. Ukubulawa kwabantu kuyathula kuphinde kuqale phansi nokwenza nathi singazi ukuthi ngempela ukuthi iyiphi indawo esingagxila kuyona ukugwema lobu bugebengu,” usho kanje.
UMphathiswa wezokuThuthwa ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi esifundazweni, uMnuz Sipho Hlomuka, usigxekile lesi sigameko wanxusa umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa ukuze kuboshwe izigilamkhuba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa afuna uthuli abasolwa, wanxusa ongaba nolwazi ngabasolwa ukuthi awathinte kwethi; 08600 10111 noma asebenzise i-MySAPS App.