ZIZUNGEZE ezinkundleni zokuxhumana impelasonto yonke izithombe zabashayeli bamatekisi base-Estcourt bedlubhe amaphinifa, ama-weave, amacici, abanye baze baruja nemilomo, baphatha nezikhwama zabesifazane begubha inyanga yabesifazane esongwa kuleli sonto.
UMnuz Goster Mabizela, ongomunye wabenze lokhu uthe baqoke ukuhlonipha abesifazane ngale ndlela kuyinyanga yabo.
Uthe benze lokhu ngoba bazalwa yibo abantu besifazane, bathandana nabesifazane futhi nakubagibeli babo kukhona abesifazane.
“Ngokwejwayelekile, umuntu wesifazane uyahlonipha. Uma kwenzekile wanyukelwa umoya, kusuke kukhona osekumdine kakhulu. Uma sibahlonipha, ngeke baphakanyelwe yimimoya,” kusho uMabizela.
Uthe ngabakwenzile bebefuna ukushumayela ivangeli lokuthi abangahlukunyezwa abantu besifazane.
Bagqugquzele amadoda ngokuthi uthando abalukhonjiswa abazali babo bebathwala izinyanga eziyisishiyagalolunye, abalubuyisele ngokuthi babaphathise okwezikhali zamaNtungwa abesifazane.
Uthe bekuqhuma uhleko, kuvunguza nomoya wokujabula ematekisini arenka kuCorner Street, abagibeli bengayikholwa into ebebeyibona.
“Umuntu ubethi uma evula isicabha setekisi, afe ukuhleka ebona umshayeli erujile, egqoke ne-weave. Bekuhambe kuhlekwa etekisini, kuze kuyofikwa lapho kuyiwa khona,” kusho uMabizela, othe yena elakhe iphinifa ubeliboleke kumkakhe.
Okhulumela iSantaco KwaZulu-Natal uMnuz Sfiso Shangase uthe kubajabulisile okwenziwe osomatekisi nabashayeli baseMtshezi.
“Kuyasijabulisa ukuthi baveze ukuthi abahambisani nokuhlukunyezwa kwabesifazane nokuthi bayazibophezela ekutheni bangahlukunyezwa. Abakwenzile kuhle, siyakukhuthaza, sinxusa nokuthi bakuphile kubagibeli babo besifazane. Singezwa ngelinye ilanga kuthiwa bahlukumeze umgibeli wesifazane emva kokwenza into enhle kangaka,” kusho uShangase.