USALE enkundleni ethelekelwa ngenduku wumphakathi omshaye waze wafa, umfundisi webandla laseZayoni, obesolwa ngokuzohlasela esikoleni iMbizweni High, kwa-F eMlaza, izolo ekuseni.
UMfu Mkhize webandla lamaZayoni elingatholakalanga igama lakhe, kuthiwa ufike ekuseni kulesi sikole ehamba ngemoto yakhe encane nomunye umngani wakhe.
Umthombo ongaphakathi esikoleni uthe uMkhize, ube nengxabano nabanye babafundi basesikoleni.
Kuthiwa le nceku ibandla layo elikhona endaweni, ivele yaqhumisa isibhamu ngesikhathi kukhona abafundi ebebelwa nayo befuna isuke phambi kwesango lesikole.
Kuthiwa yilapho okuvele kwangenela khona amalungu omphakathi, ezwe kuduma izulu lezandla.
Kuvela ukuthi amthelekele kwaba khona ilungu elimdubulile uMkhize, okungaziwa ukuthi lingubani ngoba bebebaningi.
“Umphakathi uvuke umbhejazane waqala ngokumshaya kwaba khona omdubulayo,’’ kuchaza umthombo obukhona ngesikhathi sesigameko.
Lo omunye obehamba noMkhize kuthiwa isimo sakhe sibucayi kakhulu esibhedlela.
Umthombo uthe le mpi phakathi kwaMkhize nalaba bafundi yindala kodwa akucaci ukuthi ngeyani.
Usihlalo wesigungu esengamele isikole, uMnuz Mare Sokhela, uthe siyabakhathaza lesi sehlakalo. Uveze ukuthi ubemazi uMkhize.
Umchaze njengowesilisa obelungile futhi engakaze engambona exabana nomuntu.
"Kusethusile kakhulu lokhu okuthiwa bekuzokwenziwa ngumfundisi kulesi sikole. Noma bengingamjwayele kodwa bengiye ngimbone," usho kanje.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz uMuzi Mahlambi, akatholakalanga ukuphawula njengoba ucingo lwakhe belungabanjwa benoMnuz Sihle Mlotshwa.
Isolezwe lithole ukuthi ngaphakathi kulesi sikole kunempi yabafundi eqhubekayo futhi engasanqandeki.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele esikoleni, amalungu omphakathi abengathandi ukukhuluma ngalolu daba, ezihlangula.
Ngaphakathi emagcekeni esikole bekuqhubeka umhlangano wothisha abafundisa kulesi sikole. Emhlanganweni bekukhona namaphoyisa.
Abafundi bebengasabonwa, itshe lome inhlama ngaphandle esikoleni. Bekungasekho ngisho isidumbu sikamufi. Amasango esikole abevalwe thaqa, kungasabonakali ukuthi kuke kwasuka izibhelu.
Yize leli phephandaba belingaphandle kodwa litholile amaphuzu ambalwa amqoka obekukhulunywa ngawo ngaphakathi kulo mhlangano.
Amanye awo amayelana nabanye babafundi abaphuma esikoleni kodwa abaqala phansi bezoba wuhlupho esikoleni.
Omunye wothisha kuthiwa usukumile emhlanganweni, watshela abazali ukuthi bangalenzi iphutha lokubuka kude uma becabanga ngale sigameko kodwa mababuke khona ngaphakathi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko, wathi senzeke ngezithuba zasekuseni esikoleni.
Uqhube wathi kuthiwa kufike imoto esikoleni ebihamba amadoda amabili.
“La madoda kuthiwa aqale ngokudubula phezulu engaphandle kwesango lesikole. Owesilisa oneminyaka engu-40 ugcine esedlula emhlabeni nemoto yakhe yalimala kabi. Umufi uphelele endaweni yesigameko.”