LIWUQALE ngegiya eliphezulu umsebenzi walo iphoyisa eliqashwe ngoDisemba, ngesikhathi libopha abesifazane abathathu abasolwa ngokwenza inkohlakalo ngamakhadi akwaSassa.
Kubikwa ukuthi iphoyisa lesifazane elinguConstable, ebelingekho emsebenzini, libone abesifazane abebekhipha imali kwi-ATM ngendlela ebisolisa.
Kuthiwa lokhu kwenzeke ngoLwesibili endaweni yezitolo iMangrove Centre, eNorth Beach, eThekwini. Iphoyisa kuthiwa libone abantu abathathu lase licela ukulekelelwa wozakwabo abangamaphoyisa kaMasipala waseThekwini abebekhona endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa abe eseqonda kwabesifazane abathathu.
UNetshiunda uthe abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-24 nengu-39, batholakale namakhadi akwaSassa, okusolakala ukuthi angombombayi abebekhipha ngawo imali kwi-ATM.
“Batholakale nemali enguR60 000, amakhadi akwaSassa angu32, amakhadi asemabhange ahlukahlukene angu-22 nomaselula amane,” kusho uNetshiunda.
Uthe abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini maduze.Kuthiwa iphoyisa elibophe abasolwa lingelinye lamaphoyisa angu-10 000 asanda kuphothula uqeqesho lokuba ngamaphoyisa ekolishi, liqashwe ngenyanga edlule.
Okhulumela iSassa KwaZuluNatal, uNksz Sandy Godlwana, uthe bayakwamukela ukuboshwa kwabasolwa abathathu.
Uthe ukukhalelwa kwabo ngamasongo kaSigonyela kuzothumela umyalezo oshubile nakwabanye abantu abebesacabanga ukugila le migilingwane.
“Kuzothumela umyalezo kwizigilamkhuba eziqola abantu ngokuthatha izibonelelo ezihlelelwe abampofu, ukuze zizicebise zona. Siphelile isikhathi sokuzwelana nabantu, bonke abaphula umthetho bazojeziswa,” kusho uNksz Gogwana.
I-Sassa ixwayisa abantu ngokuthi amakhadi ayo kawadayisi, ngakho umuntu oqhamuka esethi uwafaka endalini usuke esenza ubugebengu.
“Sinxusa amalungu omphakathi ukuthi angalokothi athenge amakhadi akwaSassa, noma ngabe yikubani,” kusho uNksz Godlwana.