ABAPHATHI besitolo sezicathulo iKingsmead Shoes, esacekeleka phansi ngesikhathi kunezibhelu zokutapa, ngonyaka odlule, bathi babonga ithuba lesibili lokuphinde bavule isitolo sabo.
NgoLwesibili ebusuku, kuphinde kwavulwa lesi sitolo esiseSpringfield, eValue Centre, eThekwini.
UNkk Kim Cunnife ongumnikazi waso, uthi kwamphatha kabi ukubona indawo yabo icekeleke phansi kodwa lokho akubalahlisanga ithemba.
“Kunokuthi sidube sihlale phansi ngenxa yomonakalo, sakhetha ukuthi sivule ezinye izitolo ezintathu, ukuze basebenzi bethu bangahlali emakhaya. Lokhu kwasikhombisa futhi ukuthi ngokulinyalelwe ilesi sitolo akusho ukuthi amaphupho ethu asezoshabalala kodwa asiqhubeke namaphupho okuvula amanye amabhizinisi,” kusho uKim.
Uthe bajabule ngokuthi ngemuva kwezinyanga ezingu15, bathole ithuba lokubuya bezosebenza, njengoba nezinye izitolo seziqala zilungisa.
“Obekusenza sifune ukusivusa lesi sitolo ukuthi yisona esaqala ngaso ukuvula leli bhizinisi lomndeni, ngakho siyabonga ukuthi sesila sikhona namhlanje futhi siyawathembisa amakhasimende ethu ukuthi nakanjani ebesibanika khona ekuqaleni namanje bazokuthola,” kuchaza uKim.
UDJ Happygal oyinxusa laseKingsmead uthe nakuye kusho lukhulu ukubuye kulungiswe lesi sitolo, njengoba amakhasimende abo akhona ezophinde athole elinye ithuba, lokujabulela izimpahla zabo.
Kule ndawo mkhulu umsebezi oqhubeka khona njengoba nezinye izitolo zilungiswa ezinye seziqalile ukusebenza.