ABELAPHI bendabuko bathi kunabaqashi abasanyathela amalungelo abasebenzi ngokungazemukeli izincwadi zokugula ezibuye nabasebenzi abelashwe ngokwesintu.
Laba belaphi bathi kunabasebenzi abangaphezu kuka-30 abakhonjwe indlela ngesinye isitolo esidayisa izingubo esiseHammarsdale, sithi izincwadi zabelaphi bendabuko ezifike nabasebenzi ziwumgunyathi.
UMnuz Mbongeni Dlamini wesikhungo esiqeqesha abelaphi ngenhlanzeko nokuthi kumele bayilandele kanjani imithetho yokwelapha ngokuhambisana nemigomo yoMnyango wezeMpilo kuleli, Abelaphi Bendabuko Traditional Practices, uthe lesi sitolo sikhombe indlela abasebenzi abangaphezu kuka-30 ngezincwadi abafika nazo ziphuma kubelaphi abehlukene phakathi kuka-2018 kuya ku-2023.
"Lesi sitolo sicindezela amalungelo abasebenzi. Kusho ukuthi siyabaphoqa ukuthi basebenzise odokotela basentshonalanga okushayisanayo noMthethosisekelo wakuleli. Kuleli sonto singabelaphi siphelezele abasebenzi abafake lolu daba kumxazululi wezindaba zabasebenzi iCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA)," kusho yena.
Uthe lesi sikhungo sigunyaziwe ukuthi siqeqeshe abelaphi bese sibanikeza igunya lokuthi bakhiphe izincwadi, omunye wabelaphi okuthiwa izincwadi zakhe ziwumgunyathi ugunyazwe ilesi sikhungo ukuthi anikeze iziguli zakhe izincwadi.
UMnuz Lonwabo Khakhana, owumgqungquzeli wenyunyana, iFree At Last Workers Union of South Africa (FALWUSA), okuyinyunyana emele laba basebenzi ecaleni eselize lafinyelela kwaCCMA, uthe ngokubona kwabo umqashi akayilandelanga imigomo ngoba uvele wabaxosha abasebenzi ekubeni zikhona ezinye izijeziso abengazikhipha uma ekholwa ukuthi izincwadi zabo ziwumgunyathi.
"Umqashi phambilini ubezemukela izincwadi ezifika nabasebenzi ababonwe ngabelaphi, futhi abakhokhele, gwiqiqi ngesikhathi seCovid-19, washintsha wathi lezi zincwadi ziwumgunyathi.
“Umqashi usebenzise ithuba lokuthi iningi lalaba basebenzi abekho ngaphansi kwenyunyana futhi nemithetho kabayazi kanti ushaye phansi ngoba thina sibone ukuthi kunyathelwa amalungelo abasebenzi sase sisondela kubo ukuze sibalekele. ENingizimu Afrika umsebenzi uvumelekile ukuthi azikhethele ukuthi welashwa umelaphi wendabuko noma udokotela wasentshonalanga. Lokhu sikubona kuyindlela yokucindezela nokuphoqa abasebenzi ukuthi basebenzise odokotela basentshonalanga.
“Lapha asikhulumi ngomelaphi oyedwa, eziningi izincwadi ngezomelaphi waseHammarsdale kodwa kukhona nezomelaphi waseFolweni. Njengoba siye kumxazululi sifuna umqashi acacise ukuthi ufinyelele kanjani ekutheni aze axoshe abasebenzi ngaphandle ngokubexwayisa?" kusho uKhakhana.
Kusukela ngo-2014, udaba lokuthi abelaphi bendabuko bakhiphe izincwadi eziwubufakazi bokuthi babonwe umelaphi wendabuko lujwayele ukususa umsindo kuleli.
Ngo-2014, uMnyango wezeMpilo wathi izincwadi zabelaphi zivumelekile kodwa wasungula umkhandlu wabelaphi, iTraditional Healer Council, njengoba kuyalela komthetho i-Traditional Health Practitioners Act 22 of 2007, ukuze abelaphi ababhalise kuwo kube yibo abavumelekile ukuthi bakhiphe izincwadi kodwa okwamanje kusanemicikilisho esashoda ekutheni lo mkhandlu usebenze kahle. Abelaphi balandela imigudu elawulwa ilo mnyango nezinhlangano zabelaphi ezibhaliswe kuwo ukuze bagunyazwe ukuthi bakhiphe izincwadi.