AMALUNGU e-ANC amashele emahhovisi enxusa lase-Israeli, ekhombisa ukuzwelana nabantu basePalestine, ababhekene nempi esidlule nenqwaba yemiphefumulo. Inqwaba yamalungu e-ANC abemasha egcwele umgwaqo ebheke eTshwane.
Ngaphambi kwalokhu, i-ANC isanda kuba nomhlangano wesigungu esiphezulu lapho eyayifake khona amaduku asePalestine futhi yakubeka kwacaca ukuthi iyayeseka.
Sishubile isimo eGaza, futhi siyangokuqonga selokhu yatholana phezulu. I-ANC iphumele obala yeseka iPalestine, kodwa igcizelela ukuthi kufanele kube nokuthula noxolo, kuxoxiswane ukuze kuphele impi.
Ukushuba kwesimo kubonakala nangokuthi kube nzima ukungena kwabalethe usizo ebantwini abakhahlamezekile.
Khonamanjalo i-IFP esithangamini abezindaba iluthintile udaba lwempi. I-IFP ithe ikholwa wukuthi kufanele kube nezingxoxo zokuthula ukuze kunqandwe ukufa kwabantu okuqhubekayo. I-IFP ithe ikhathazeke kakhulu ngesimo esiqhubekayo esidlula nemiphefumulo yabantu.
UMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe abahambisani nodlame.
“Siyaphikisana nodlame nokusebenzisa isihluku, sifisa sengathi izinhlangothi zombili zingehlisa umoya zigweme impi. Kufanele kuhlonishwe amalungelo abantu nomthetho wamazwe,’’ kusho uHlabisa. Uthe kufanele izinhlangano zomhlaba zingenelele kutholakale isixazululo ngokushesha.