UBASHIYE nezibazi emqondweni umlilo obusha ubuhanguhangu, ongqongqise yonke imijondolo engu-200 ebikade ihlala abantu eClarewood, eThekwini. Basakhala namanje ngomlilo wangoLwesihlanu emini okuthiwa ushe ngesikhathi iningi labahlali lisemsebenzini.
Abahlali bathi kayaziwa imbangela yomlilo futhi umuntu owayekhona kusha wayefana nongekho ngoba washa umjondolo wakhe waphela ebukele.
Nabezicishamlilo okuthiwa bavame ukuwucima ngempumelelo umlilo osuke ukule ndawo kodwa ngoLwesihlanu baze bacima sekushe yonke into.
Njengamanje abahlala kule ndawo bakhoseliswe ematendeni kanti uhulumeni, abamabhizinisi nabaxhasi belula isandla ngokudla nokunye okudingwa ngabantu.
Omunye wabagilekile ongumhlali, uNksz Fikile “Manana” Msimang, odabuka eBergville kodwa ohlala eThekwini ngenxa yomsebenzi, uthe kwavele kwama ingqondo, wagula ngesikhathi kusha.
UNksz Msimang uthe kwathi uma ezwa kumenyezwa kuthiwe abaphume ezindlini kuyasha, wavele wavukwa ukhwantalala, wagula ngaleso sikhathi.
“Ngaphuma endlini ngiphethe isikhwama esasinomazisi namakhadi amqoka kuphela, konke okunye ngakushiya endlini kwasha nendlu. Wawumkhulu kakhulu umlilo. Esikhundleni sokuthatha izinto ngavele ngagula ngabuyisa,” kuchaza uNksz Msimang.
Omunye umhlali, uMnuz Khehla Phungula, uthe ayiphelanga imizuzu emihlanu esuka endlini encane eqonde endlini wabona sekushunqa kumnyama yonke into.
“Emva kwalokho ngezwa kuthiwa kuyasha, ngathi uma ngiphumela emnyango ngabona umlilo owawusuxaka mina. Sahluleka ukucisha ngamanzi sisebenzisa amabhakede,” kuchaza uPhungula.
UMnuz Siyabonga Mhlongo, ongusihlalo wekomiti lale ndawo abayibiza ngeLa Lucia, uthe izinhliziyo ziyabhibha njengoba beshelwe yikhona konke abebenakho.
“Sihlezi sishelwa singanakwa muntu kodwa kulokhu sinethemba ngoba zifikile iziphathimandla zasifakela namatende. Sisuka emakhaya sizozama impilo,” kusho uMhlongo.
Izolo uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uhlangane nabahlali wahlola nomonakalo ephelezelwa nguMphathiswa wezokuHlaliswa kwaBantu eKZN, uMnuz Sipho Nkosi, noSomlomo weTheku, uMnuz Thabani Nyawose abathembise ukubalekelela laba bantu ngendawo yokuhlala engcono futhi ephephile nangempahla yokwakha.