ABASABUTHI quthu ubuthongo abanye abantu baseZimangweni, oThongathi, abakhahlanyezwe yimvula enamandla ehambisana nomoya njengoba bebalisa ngokuthi kukhona asebesebenzisa ithuba ukweba izimpahla zabo.
Kuvela ukuthi kunamaphara abhokile antshontsha izimpahla ezibekwe ngaphandle kwezindlu ezidilikile.
Isolezwe lihambele kule ndawo lathola ngamalungu omphakathi ukuthi amaphara awazibekile phansi eba izimpahla.
UMnuz Petros Ndimande, ongomunye wabadilikelwe, uthe uyaphoqeleka ukuthi angalali agade izimpahla zakhe ezincane ezisele.
"Uma kungahamba lezi ezincane izimpahla ezisele ngabe ngilimele kakhulu,'' usho kanje.
Uthe bayafisa ukuthi kube khona usizo abalutholayo kuhulumeni ukuze bezokwazi ukulungisa izindlu zabo ngokushesha.
Ubekhuluma ematasa eshayela ukhethe njengoba ebevusa indlu yakhe ephephukile.
"Ngibone kungcono ukuthi okwamanje ngibe ngizilungisela indlu yami,'' usho kanje.
Uthe ubekade ehlala namalungu omndeni wakhe amabili kodwa kumphoqile ukuthi awagodukise njengoba isimo sibonakala simapeketwane.
UMnuz Bongani Dlamini naye uthe kuyabaphoqa ukuthi baziqaphe izimpahla zabo ngoba uma kungenjalo kungasa sezingekho.
Naye ubeseqalile elungisa indlu yakhe eshayela nokhethe. "Singakujabulela ukuthi lusheshe usizo uma kuwukuthi sizogcina silutholile,'' usho kanje.
Nayizolo izikhulu zikahulumeni bezisaqhubeka nokugqigqa kule ndawo. UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza uhambele kule ndawo.
Uqale ngokuyoduduza umndeni wakwaZikhali lapho okudlule khona indodakazi yakhona uNksz Sisana Nyawo (39).
Umufi kuvela ukuthi ulinyazwe kabi yisihlahla esiwele phezu kwakhe.
Unina uNkk Nelly Zikhali ubedinda isililo ebalisa ngomshophi omvelele.
UNkk Khoza uthe bazibophezele ekutheni bangenelele ukuze bazithole ukusizakala ngezindlela ezahlukene abantu abakhahlamezekile.
Uthe umndeni wakwaZikhali bazowulekelela njengoba kukhona oshonile.
Bekukhona neMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, oveze ukuthi kunezinhlelo zokuthi bakhelwe izindlu ezisemgangathweni abantu bakule ndawo.
IMeya yaseKing Cetshwayo, uMnuz Thami Ntuli, unikezele ngosizo lokudla kubantu abakhahlamezekile. Uthe kuyishwa okuvelile.
Iqembu i-MK nalo belihambele khona liyolekelela ngokuya ngasethunjini ukuze abantu bangadliwa inkemane njengoba besele dengwane.