BADLE phansi sebebona amaphoyisa abezobabopha abathumbi bosana olunezinyanga ezine ezimayini zaseRoodepoort, eGoli.
Okhulumela amaphoyisa kazwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe uthe ithimba lamaphoyisa elilwa nokuthunjwa kwabantu lithungathe futhi lathola ingane engakapheli amahora angu-24.
Udalule ukuthi ingane ithunjwe ngoLwesibili ntambama ngaphandle komuzi wakubo oseDobsonville, eSoweto.
“Emuva kokubikwa kwengane ukuthi ithunjiwe, kuhlanganiswe ithimba ngokushesha ukuze liqinisekise ukuthi ingane itholakala ingenamyocu, iphephile futhi kuboshwa abathumbi bayo,” kusho uBrig Mathe.
UBrig Mathe uthe amaphoyisa athole ingane endaweni eyizimayini eRoodepoort emuva kuka-11 ebusuku ngosuku ethunjwe ngalo.
Uqhube wathi ingane iyiswe esikhungweni sezempilo yayohlolwa ukuthi iphile saka yabe isihlanganiswa nabazali bayo.
“Babaleke bangena ehlathini abathumbi bale ngane ngesikhathi sebebona amaphoyisa abeza kubona ezobabopha. Ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwabo, sicela ukuthi aludlulisele emaphoyiseni asesiteshini esiseduzane noma athinte abeCrime Stop ku: 08600 10111,” kusho uBrig Mathe.