KULULWE isikhathi sokuvalwa kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya, ukuze abantu bakwazi ukulanda omazisi babo.
UMnuz Siya Qoza wezokuxhumana emnyangweni, udalule ukuthi amahhovisi azovulwa isikhathi esithe xaxa kusuka namhlanje kuze kube yiSonto.
Namhlanje uthe isikhathi sokuvala sizolulwa kusuka ku-4 ntambama kuya ku-6.
NgoMgqibelo neSonto azovulwa amahora ayisishiyagalolunye.
“Azovulwa kusuka ngo-8 ekuseni kuze kube u-5 ntambama ukuze abantu balande omazisi babo. Lokhu kwenziwa ukuze kube lula njengoba kuyimpelasonto yokubhalisela ukuvota okhethweni lukazwelonke.”
Uveze ukuthi izinto ezizobe zenziwa emahhovisi ukulandwa komazisi, kanjalo nokufaka izicelo zokuthola i-Temporary Identification Certificate, ezophuma ngaleso sikhathi ezobe ibiza uR70.“
Lokhu uthe kuzosiza ikakhulu ngalesi sikhathi sokubhalisa.
UQoza uthe abantu sebengakwazi ukubekisa izikhathi zokuthi balande izinto zabo emahhovisi omnyango besebenzisa uhlelo i-Branch Appointment Booking System (BABS), etholakala kwi-website yomnyango ethi:www.dha.gov.za.
Uthe kodwa abantu basakwazi ukuya emahhovisi omnyango ngaphandle kokubekisa isikhathi.
IPhini likaNgqongqoshe kulo mnyango, uMnuz Njabulo Nzuza, linxuse intsha ukuthi ibambe iqhaza ekubhaliseleni ukuvota.
“Yingakho silule isikhathi kusuka ngoLwesihlanu nempelasonto ukuze ikwazi ukulanda omazisi. Labo abafake izicelo zomazisi asebelinde amasonto amathathu kuya phezulu, abathathe ithuba lokuthi bavakashele emahhovisi ukuze bayobalanda.”
Lena impelasonto yokugcina yokuthi abantu babhalisele ukuvota okhethweni olubhekwe ngabomvu.
Bangaphezu kuka-27 million abantu abasemqulwini wokuvota okusho ukuthi sinyukile isibalo sabazokwazi ukuvota kulolu khetho.
Ikhomishini eyengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission, inxuse abantu ukuthi baphume bayobhalisela ukuvota noma bayobheka ukuthi imininingwane yabo kuseyiyona yini ngaphambi kokhetho.