KUGQUGQUZELWA abahola izibonelelo zikahulumeni ukuba bayovuselela amakhasi abo akwaSassa anombala osagolide.
Lama khadi azophelelwa yisikhathi ngoDisemba 31 kanti seluqalile uhlelo lokuwavuselela.
UNksz Sandy Godlwana oyisikhulu sezokuxhumana nokukhangisa kwaSassa, KwaZulu-Natal, uthe baphume umkhankaso wokukhumbuza abantu ukuba bavuselele amakhadi okuhola.
Uthe bahambela izitolo, amarenke, amasonto nezinye izindawo ezigcwala umphakathi.
Ukhumbuze abantu ukuthi ziningi izindlela zokuhola izibonelelo zikahulumeni okubalwa iPosi, amabhange nasezitolo.
Abafisa ukushintsha izindlela abahola ngazo basuke ePosini bahole emabhange kufanele bagcwalise ifomu bese belibuyisela emahhovisi aseduze nabo akwaSassa noma balithumele nge-email [email protected]
Kufanele baqinisekise ukuthi amafomu agcwaliswe kuzo zonke izikhala ezidinga imininingwane yabo, baphathe ikhophi kamazisi egxiviziwe ukuthi isemthethweni nencwadi yasebhange eqinisekisa ukuthi umuntu une-akhawunti kulelo bhange afisa ukuhola kulona.
Abazothumela amafomu nge-email nabo bayakhunjuzwa ukuthi bahambise amakhophi agxiviziwe. Ifomu iyatholakala kwi-website yakwaSassa ethi www.sassa.gov.za
UNksz Godlwana udonse ngendlebe abafuna ukuhola izibonelelo emabhange ukuthi bavakashele emahhovisi akwaSassa kungakadluli umhlaka 20 nyangazonke.
Abasuke sebegcwalise amafomu okushintsha bayagqugquzelwa ukuthi bangalilahli ikhadi lokuhola eposini kuze kube izibonelelo zabo zingena kuma-akhawunti asebhange.
Okwamanje amakhadi aseposini ayasebenza, azoze aphelelwe yisikhathi ngoDisemba 31.
Abahola izibonelelo bayakhunjuzwa ukuthi bayakwazi ukuzithola ePosini, emishinini yokukhipha imali yasebhange nasezitolo.
Kubuye kwashicilelwa nezinsuku zokuhola izibonelelo zikahulumeni ezinyangeni ezizayo.