IDUBUKELE kubafundi abasontayo njengoba esezokwanda amaholidi abangawathatha ukuyokhonza kulandela izinguquko uMnyango weMfundo eyisiSekelo ozenzayo ekhalendeni lezikole.
Phakathi kwezinye zezinguquko ngukuthi ngoDisemba izikole zivalwe ngesonto lokuqala, abafundi bagcine ngoLwesithathu kuthi othisha bagcine ngoLwesihlanu.
Phambilini abafundi bebekwazi ukuthatha izinsuku ezimbili kuphela ezithinta amaholidi ezenkolo.
Umphakathi unikwe kuze kube uJuni 4, ngenyanga ezayo ukuthi uphawule ngalezi zinguquko ezithinta amakhalenda ezikole kuleli.
Okhulumela umnyango uMnuz Elijah Mhlanga, ucashunwe ethi lezi zinguquko zenziwe ukuze kwandiswe isikhathi sokufunda njengoba kuke kwaba nokuphazamiseka ngesikhathi kuhlasele iCovid-19 kuleli.
Uthe ezinye zezinguquko zifaka ukuthi ngoDisemba izikole zivalwe ngesonto lokuqala njengoba phambilini bezivala ngesonto lesibili.
“Ezinye abafundi bazokwazi ukuthatha amaholidi athinta izinto zenkolo. Phambilini bekuba izinsuku ezimbili kodwa manje inhloko yomnyango wezemfundo kuleso sifundazwe iyona ezonquma ukuthi zingaki izinsuku labo bafundi abangazithatha.”
Okunye okubalulwa yile migomo emisha ngukuthi abafundi abathathe amaholidi ezenkolo, kumele basekwe uma sebebuyela ezikoleni.
Akumele izivivinyo zibhalwe ngezinsuku abazobe bengekho ngazo, futhi kungabhalwa ukuthi bebelovile ngoba bazobe begunyaziwe.
UMhlanga uveze nokuthi ezinye zezinguquko ngukuthi bafuna ukuthi izimemezelo zalezi zinguquko ezithinta amakhalenda zingagcini nje ngokumenyezelwa emaphephandabeni kuphela njengoba bekwenzeka kodwa zifakwe nakwezinye izinkundla zokuxhumana.
Ezinye zezinguquko umphakathi okumele uphawule ngazo ngukuthi lingabi khona iholidi esontweni lokuqala noma elokugcina uma kuzovalwa izikole ngoba kuphazamisa ukufunda.
Okunye ngukuthi uma iholidi lingoLwesibili noma uLwesine, uMsombuluko owandulela lelo holidi kanjalo noLwesihlanu abafundi baphiwe lezi zinsuku.
Umnyango ubalule ukuthi kumele kube nezinsuku ezingu-200 zokufunda ngonyaka kuzona zonke izifundazwe.
Ikota yesithathu yonyaka kubalulwe ukuthi kumele ibe yinde kuneyesine, okungeyokugcina yonyaka.
UMhlanga uveze nokuthi lezi zinguquko zenziwe emva kwezikhalazo zezinhlaka ezahlukene emphakathini.
Ubalule nokuthi njengoba izifundazwe zivula izikole ngokwehlukana, basuke benzela ukuthi kungabi nesiminyaminya emigwaqweni okungadala izingozi, yingakho ezimaphakathi nezwe zisheshe zivulwe kusasele isonto bese kuthi ezigudle ulwandle zivule ngelilandelayo.
Abafuna ukuphawula bangathumela ku:Department of Basic Education, Private Bag X895, Pretoria, 0001; noma bashiye okubhaliwe emahhovisini omnyango ku:Department of Basic Education, Sol Plaatje House, 222 Struben Street, Pretoria.
Bangathumela ne-email ku:[email protected]; noma [email protected].