UMPHATHISWA wezeziMali nokuThuthukiswa koMnotho eGauteng, uMnuz Lebohang Maile, uzwakalise ukukhathazeka ngezigameko zokudla okunoshevu emalokishini eziholele ekufeni kwezingane emasontweni adlule, nokuholele ekutheni kugqekezwe izitolo futhi kuvalwe ezinye izitolo.
UMaile uthi kumele zivalwe izitolo ezidayisa izinto ezingafanele, kulandelwe umthetho uma kubhekwa udaba lwezitolo ezidayisa ukudla okunoshevu.
Yize kunjalo uthi; “Awuvuki-nje ekuseni uthi, sizovala zonke izitolo zabokufika ngoba abanye balabo bantu sebathola ubuzwe bakuleli,” kusho yena.
Uthe okukhathaza kakhulu okuke kwavezwa ngomnotho wasemalokishini ukuthi ingxenye yawo enkulu iya ngokuya iphathwa abantu bangaphandle. Ngeke kugwemeke, ngaphansi kwezimo ezinjena, ukuthi abanikazi bezitolo bendawo bakhungatheke ngokungakwazi ukuthuthuka emiphakathini yabo, ikakhulukazi njengoba izici ezidala ukuthi bangakwazi ukuchuma zihambisana nezingqinamba zesakhiwo kunobuthakathaka bomuntu siqu.
“Kubalulekile futhi ukuthi njengohulumeni sivikele izimfanelo, siphinde sivikele umnotho wezakhamuzi zaseNingizimu Afrika kulesi simo somnotho esintengantengayo emhlabeni.”
Kushone izingane eziyisithupha eNaledi, eSoweto, ngemuva kokudla ukudla okulula espaza sendawo okusolakala ukuthi kwakunoshevu.