AZIXAZULULWE ziphele izinkinga eziholele esitelekeni sabamatekisi ahamba ibanga elide esidonse isikhathi esingaphezu kwesonto.
Ekupheleni kukaNovemba, inqwaba yabagibeli isale dengwane emva kokuthi abamabanga amade bemise ukusebenza kwamatekisi abo.
Isiteleka siqale ngesikhathi esibi, kuwuLwesihlanu lokuphela kwenyanga.
Lapha abantu abaningi bebezimisele ngokuya emakhaya, kunenqwaba yezingane zesikole ezivakashayo nezibuyela emakhaya (lezo ezifunda kude nasemakhaya) emva kokuqeda ukubhala, isitshudeni nabagibeli nje jukelele.
Abanye bajika, abanye bazama ezinye izindlela zokufinyelela lapho abebephokphele ukuya khona.
Abanye balabo abaphokophela, babeke impilo yabo engcupheni njengoba abanye babo bebehambe bemisa izimoto ezincane ezidlulayo njengoba kukuningi okubi okungakuvelela ngesikhathi uzama ukumisa izimoto ezincane kuthelawayeka.
Ungashayiswa izimoto, ubanjwe inkunzi usamile emgwaqweni noma uthunjwe abantu bezimoto ezincane.
Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi kube khona ezinye izindlela zokuthutha zomphakathi ezihamba ibanga elide. Sikhule kukhona amabhasi ahamba amabanga amade, kukhona nezitimela.
Mhlawumbe sesifikile isikhathi sokuthi uhulumeni ulungise imizila yezitimela, kunikwe izimvume zokusebenza amabhasi amabanga amade ngoba kusobala ukuthi isazoqhubeka inkinga yamatekisi.
Umbhikisho wakamumva uphazamise nokusebenza komnotho njengoba ababhikishi bebevimba umgwaqo onguthelawayeka, u-N3.
Udaba lwezimvume zokusebenza nokuboshwa kwezimoto nguShanela seluphenduke icala lenduna, umhlezi ekhona.
Kuyaye kube nemibhikisho, kuhlalwe phansi, kuthiwe izinkinga zizoxazululwa. Emva kwesikhathi umbhikisho uqala, kukhalwe ngezinto ezifanayo.
Kusobala ukuthi izinkinga ezidala imibhikisho ziyaye zishiywe zilenga, zingalungiswa. Uma le nkinga yabamatekisi nomnyango ingalungiswa ingase iphume esandleni njengoba isiqalile ukuhlukanisa phakathi abamatekisi.
Ukungaboni ngaso linye kwabemboni ngalolu daba kuhlale obala emhlanganweni obungeledlule, eMgungundlovu.
Umhlangano ubuhanjelwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uMphathiswa wezokuThutha esifundazweni, uMnuz Siboniso Duma, nabaholi bososeshini abehlukene.
Okugqamile nokho ukungalubhadi kwabenhlangano iDurban Long Distance Taxi Association, abaholi bale nhlangano njengoba kuyibona abahola umbhikisho oqhubekayo.
Abebesemhlanganweni bazwakalise ukungahambisani nombhikisho oqhubekayo.
UMnuz Velanto Thwala weSizwe Transport Association, uthe bona abazange baziswe lutho ngombhikisho. ISizwe Transport Association isebenza phakathi kweGoli neTheku.
“Sinenkinga eDurban Station. Sinenkinga yokuthi sekuvele kwamiswa izimoto zethu. Sekungokwesibili kulo nyaka kwenzeka. Izimoto zethu zivele zamiswa singazange sitshelwe lutho. Asazi ukuthi zimiselweni. Kusiphazamisile emiphefumulweni yethu lokhu.”
UThwala uthe bazamile ukukhuluma nabeDurban Long Distance Taxi Association kodwa ubuholi bayo banqaba ukuhlangana nabo.
Abatelekile bakhala ngezimvume zokusebenza noShanela.
Kepha uThwala uthe izimvume ziyashesha ukutholakala lapha KwaZulu-Natal, wathi inkinga isesifundazweni iGauteng, esebaze baluleka izikhulu zoMnyango wezokuThutha eGauteng ukuba bazothekela ulwazi lapha kwelikaMthaniya.
Ngalo isonto eledlule, omunye wabaholi kwiDurban Long Distance Taxi Association, uMnuz Mavava Sikhakhane, uthe labo abaphikisana nesiteleka bengaqhubeka besebenze.
“Siyababongela bona abakwazi ukubanika izimvume kodwa sinombuzo wokuthi thina sasala kanjani bangasinika izimvume? Kodwa ke ngoba bona banazo izimvume, abaqhubeke bathuthe abantu beze lapha eThekwini. Kodwa kusho ukuthi mhla nathi sinquma ukuqhubeka nokusebenza, engabe siyoqhubeka yini silayishe nabo?”
Lezi nkulumo zikhombisa ukuthi le ndaba izophela kabi uma ingalungiswa ngokushesha.
Imboni yamatekisi iphuma esikhathini esibi lapho khona bekuchitheka igazi ngapha nangapha. Ziningi izinsizwa elilele phansi ngenxa yodlame lwamatekisi, kwavalwa nemizi.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe ukhathazekile ngodlame lwezamatekisi.
“Sizolusukumela udaba, sibuke ukuthi sizolusebenza kanjani ukuze abantu baKwaZulu-Natal babenethemba lokuphepha. Akusesona isikhathi sokusebenzisa isibhamu lesi uma kukhona ukungaboni ngaso linye. Isikhathi lesi sokuba kuhlalwe phansi. Uma kukhona abangafuni ukuhlala phansi, bikelani umnyango. Siyezwa ukuthi niyafuna ukuhlala nabo phansi, bona abafuni.”
Nango-Okthoba, bekunomunye umbhikisho wabamatekisi amabanga amade odonse izinsuku, lapho bebekhala khona ngazo izimvume noShanela.
Ukuqubuka kabusha kwalo mbhikisho kungakapheli sikhathi esingakanani kukade kunomunye umbhikisho owamiswa emva komhlangano wabemboni yamatekisi noDuma, kukhombisa ukuthi isazoqhubeka ibe iphela endlebeni imibhikisho yabamatekisi abakhala ngezimvume.
Emhlanganweni wabamatekisi noDuma, kwaze kwaqokwa ithimba okwathiwa lizoxazulula izinkinga.
Kuphinde kwaqokwa elinye ithimba futhi emva kombhikisho wakamumva.
Sethemba ukuthi leli thimba lakamumva lizokwazi ukuqhamuka nesixazululo.
Inkinga enkulu ukuthi abamatekisi basola uMnyango wezokuThutha ngokungazikhiphi izimvume zokusebenza, ngakolunye uhlangothi umnyango wona uthi abamatekisi abazilande izimvume.
Ngokusho komnyango, zibalelwa ku-5 000 izimvume eziduvile emahhovisi, abamatekisi bona bathi batshelwa ukuthi azikho izimvume uma beyozifuna emahhovisi omnyango.
Abamatekisi nabo babuye basolane bodwa.
Abanye, ikakhulukazi labo abanamatekisi amancane bayaye basole labo abamatekisi amaningi ngokungalandeli imigudu efanele.
Umnyango nabamatekisi abaxazulule izinkinga zabo, begweme isimo esizophinde siphazamise impilo yabantu nokusebenza komnotho.