KHETHA SANGWENI
BEBEVELE bephenywa ngamanye amacala esibhamu abaqaphi beMeya kaMasipala waseNewcastle, abayamaniswa nesigameko sokudutshulwa kwamalungu omphakathi abebhikishela inkinga yamanzi.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi iMeya uMnuz Xolani Dube, ihambele umphakathi obubhikishela amanzi eClavis, eCharlestown lapho okusuke khona isidumo kuleli sonto.
Kuthiwa uDube ubehamba nePhini leMeya, uMnuz Musa Thwala, ngesikhathi bezama ukukhuluma nomphakathi, kuvela ukuthi abantu bavukwe wulaka basho ukuyiqeda imeya.
Kuthiwa imeya ijikijelwe ngamatshe kwasuka isidumo abaqaphi bayo bazama ukuyivikela baze badubula kwalimala abantu.
Isolezwe Ngempelasonto liphenye lathola ukuthi abaqaphi bemeya bathinteka kwesinye isigameko sokudubula izinhlamvu zaze zangena emtholampilo wendawo.
Kuvela ukuthi ngenyanga edlule imeya yatholana phezulu namalungu omphakathi eBlaauwbosch, abaqaphi bayo badubula inhlamvu yayongena emtholampilo wendawo.
Esigamekweni sakamuva saseCharlestown, kuthiwa abalimele baphuthunyiswe esibhedlela beyoxilongwa kanti nayo imeya kuthiwa ilimalile ngesikhathi kusuka isidumo ijikijelwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Ronald Netshiunda, uqinisekise uphenyo lwamaphoyisa oluqhubekayo ngalezi zigameko.
“Amaphoyisa aseCharlestown asebenza icala lokuzama ukubulala emuva kokuthi abantu abathathu bedutshuliwe embhikishweni womphakathi. Umbiko uthi imeya ibikhuluma nomphakathi, yahlaselwa ngamatshe, abaqaphi bayo kuthiwa badubule isixuku sabantu,’’ kusho uNetshiunda.
Esigamekweni saseBlaawubosch, kuvela ukuthi amaphoyisa aya endaweni yesigameko aqoqa ubufakazi. Bekungakaboshwa muntu. UMasipala waseNewcastle ukhiphe isitatimende uphawula ngalolu daba uthi ngeke kube kuhle ukukhuluma ngezindaba eziphenywa ngamaphoyisa.
UMasipala uthe uyazi ngophenyo lwamaphoyisa oluqhubekayo futhi uyazi ngesigameko esiholele kulokhu kanti nemeya ilimele.
“IMeya uDube njengomuntu owuhloniphayo umthetho nokhathalele ukuphepha kwabantu baseNewcastle, usecele abaqaphi bakhe babambisane namaphoyisa ophenyweni ukuze kusheshe kuvele okwenzeka ngesikhathi sesigameko,’’ kusho isitatimende.
Isitatimende siveza nokuthi imeya iyafisa kukuthi uma kukhona abephule umthetho bahlonzwe bese bebhekana nengalo yomthetho. UMasipala ucele ukuthi kulindwe uphenyo lwamaphoyisa luphele, uyobe usuletha umbiko emuva kwalokho.