ASALAWULEKA amarabi KwaZulu-Natal umkhankaso wokugomela lesi sifo eThekwini wenzelwa ukusilawula singasabalali.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe woMnyango wezoLimo uMnuz Super Zuma obethula umkhankaso wokugonyelwa lesi sifo eChatsworth ngoLwesibili, uthe lo mkhankaso bawuqale eThekwini ngoba kuleli dolobha kunezinja eziningi ngakho uma kuke kwabikwa ukuthi lesi sifo sikhona baye baqinisekise ukuthi kuleli dolobha asisabalali ngokuthi kugonywe izinja namakati ukuze sigwemeke.
Usho kanjena nje isikhungo esibhekele izifo ezithathelanayo kuleli iNational Institute For Communicable Diseases (NICD, siveze ukuthi kusukela kuqale unyaka bayisithupha abantu abalunywe izinja ezinalesi sifo.
Lesi sikhungo sithe kulaba bantu, abathathu abase-Eastern Cape, ababili abaKwaZulu-Natal oyedwa owaseLimpopo.
" ITheku lilodwa linezinja ezibalelwa ku-150 000, izibalo esinazo zikhomba ukuthi ngenyanga kuleli dolobha kubikwa ngezilwane ezintathu ezinamarabi . Ngakho kubalulekile ukuthi sihlale siqaphile," kusho uZuma.
Uthe kule ndawo uMnyango ububizwe izinhlangano zomphakathi ezicele ukuthi umnyango usize ngokugonywa kwamakati nezinja ukuze lesi sifo singasabalali.
Udokotela wezilwane uMinkie Masemege, uthe amarabi ayabulala uma umuntu onawo engalashwanga.
“Sikhuthaza ukuthi umuntu uma elunywe yinja aphuthume esikhungweni sezempilo ngokushesha. Ukugoma izinja ikakhulukazi endaweni enezinja eziningi njengalo iTheku ngenye yezindlela zokugwema ukuthi abantu bangabulawa ilesi sifo," kusho yena.
Uthe lesi sifo singena kumuntu ngokuthi kuthintane uketshezi okungamathe enja enaso negazi lomuntu ngesikhathi imluma.
INCD ithe indlela yokuzivikela kulesi sifo ukuthi kugonywe izinja namakati.