UMENGAMELI we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa, uthi isibonelelo sabangatohozi kuleli esinguR350 ngenyanga, asiyi ndawo.
URamaphosa uthe kukhona labo ababuza ukuthi kungani abantu benikwa lesi sibonelelo ngoba bazothembela ekwenzelweni izinto nguhulumeni.
“Ngifuna ukunazisa ukuthi uR350 oholwa abangasebenzi ngeke siwuvale. Sizoqhubeka sikhokhele labo abangatohozi njengoba uNgqongqoshe wezeNhlalakahle nozakwabo wezimali, bebheka ukuthi kuzokwenziwanjani ukuze kugcine sekuba nesibonelelo sangunaphakade sabangasebenzi.”
Ukusho lokhu ethula umqulu wezethembiso zokhetho enkundleni yemidlalo iMoses Mabhida eThekwini.
Le nkundla ibigcwele phama amalungu abezophuma zinkalo zonke ezolalale lezi zithembiso njengoba kuzovotwa ngoMeyi 29.
URamaphosa uthe uyazi lesi sibonelelo sabangasebenzi abantu basisebenzisela izinto ezehlukene.
“Abanye bathenga ukudla, bafuna ngaso umsebenzi kanti abanye bathenga ubhiya ngale mali. Abantu bethu laba ayikho into esingayisho ngokuthi bayisebenziselani imali yabo.”
Uthembise ukuthi bazoqhubeka bakhe amathuba emisebenzi ecela ku-2.5 million.
Uveze nokuthi bazokwandisa amaphoyisa abalelwa ku-10 000, ukulwa nobugebengu.
“Alikho elinye iqembu elikwazi ukwenza izinto njenge-ANC, bayathanda noma abathandi. UKhongolose yiyona nhlangano kuphela kuleli engathuthukisa izwe.”
Ubalule nokuthi iKwaZulu-Natal yikhaya le-ANC.
“Nitshengisile eKZN ukuthi uKhongolose yikhaya lakhe leli. Asiyi ndawo kulesi sifundazwe ngoba siyikhaya le-ANC, bethanda bengathandi. Abanye bangazikhulumela nje kodwa sizinzile eKZN.”
Uthe azokwenzeka amaphutha kodwa kudingeka kulungiswe lapho koniwe khona.
“Siyakha kabusha inhlangano, kumanje labo abazosimela okhethweni bafakwa imibuzo enzima ngoba sifuna abantu abazolandela imigomo yenhlangano. Kule nhlangano akulona ikhaya lalabo abakhohlakele, abafuna ukudala uqhekeko noma abangosomathuba. Sebeqalile ukuzikhipha bona, sesiyababona.”