UMKHUZI wamaPhoyisa KwaZulu-Natal usola ukuthi kwaba namaphutha ngesikhathi kuhlanganiswa imibutho yezifundazwe ifakwa embuthweni owodwa owaziwa ngeSouth African Police Service.
Phakathi kwezinto akhale ngazo uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi wukugejana koMthethosisekelo nenqubo yezobulungiswa.
Uhlabe ukuthi ayibhekwanga kahle indaba yamasiko, inqubo yokuziphatha nolimi, lokhu osekudala izinkinga ekusebenzeni kwamaphoyisa manje.
Mayelana nendaba yolimi, uMkhwanazi ukhale ngokuthi amanye amaphoyisa awacijekile kahle ngekhono lokubhala nokufunda isiNgisi.
Lokhu uthe kuholela ekutheni izitatimende azibhalayo lawa maphoyisa zenze amacala abe buthakathaka ezinkantolo.
“Kunamaphoyisa esikhathini samanje okunenkinga yokuthi akhulume isiNgisi. Elinye uma ulilalele lethula ubufakazi (enkantolo) kumabonakude, uyezwa ukuthi uzakwethu akasikhulumi kahle isiNgisi. Uma engasikhulumi kahle kusho ukuthi akasibhali kahle. Okusho ukuthi lesiya sitatimende (osibhalile) osishiye esiteshini kunenkinga ngaso,” kuchaza uMkhwanazi.
Uthe ngeke uwagxeke lawa maphoyisa ngoba asuka lapho esuka khona, afundiswe kanjalo.
Ubalule nokuthi ngokoMthethosisekelo wezwe, zingu-12 izilimi ezisemthethweni kodwa inqubo yezobulungiswa kayihambisani nalokhu.
“Kuze kusize otolika enkantolo. Thina maphoyisa kuphoqelekile ukuthi sibhale isitatimende ngesiNgisi nangesiBhunu kuphela. Uma unika umshushisi isitatimende sedokodo elibhalwe ngesiZulu, uyakutshela ukuthi ngeke yena ayifunde leyonto,” kuchaza uMkhwanazi.
Uthe ekugcineni umphakathi ugcina sewuthi amaphoyisa awakwazi ukubhala nokufunda. Uthe luselude ukhalo okumele luhanjwe ngoba u-1994 awufikanga kwase konke kuyalunga.
Ngesikhathi sengcindezelo umbutho wamaphoyisa wawusebenza ngokwehlukana ngokwezifundazwe kodwa wahlanganiswa emuva kokuphasiswa koMthethosisekelo.
UMkhwanazi uthe kuningi okumele kufakelwe izibuko ngaphambi kokuthi ngempela kushiwo ukuthi ezobulungiswa zibhekelele wonke umuntu waseNingizimu Afrika.
Ngakolunye uhlangothi uphiko lwezokushushiswa kwamacala, iNPA, lubalule ukuthi kwesinye isikhathi amacala ayahoxa enkantolo ngenxa yendlela engashayi khona okuthathwe ngayo izitatimende.