UKHOMISHANA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutanent General Nhlanhla Mkhwanazi, uthi evile ku-50 amaphoyisa asemisiwe, aphenywa ngamacala abandakanya ukwephula umthetho kusuka ngo-Ephreli kulo nyaka kuze kube yimanje.
UMkhwanazi ukusho lokhu ngesikhathi ephendula imibuzo ohlelweni obeluyisipesheli lwe-Newzroom Afrika kudingidwa izinkinga ngamaphoyisa eKZN.
Lokhu kulandela izigameko ezimbalwa ezibikwayo zokungasebenzi kwamanye amaphoyisa ngendlela nokubandakanyeka ezenzweni zobugebengu.
“Uma kunezigameko lapho kutholakala khona ukuthi amaphoyisa ephule umthetho ngandlela thile, kuyabhekwana nakho. Ngingakusho ngingangabazi ukuthi kulo nyaka nje kuphela, kusuka ngo-Ephreli, sekumiswe amaphoyisa evile ku-50, iningi lawo lisahamba amacala ngaphakathi ngezinto asolelwa ukuthi azenzile eziphambene nomthetho,” usho kanje.
Ukusho lokhu nje, kuthe ngesonto eledlule inhlangano i-Amnesty International yadedela umbiko wocwaningo lwayo oluthathe izinyanga eziwu-18 ngokubulawa kwabaholi nezishoshovu zenhlangano Abahlali Basemijondolo. Lolu cwaningo luveza ukuthi amaphoyisa awawasukumeli amacala okubulawa kwalaba ngendlela efanele, bekhala kakhulu ngesiteshi samaphoyisa esise-Cato Crest, ngokubukela phansi abahlala kulezi zindawo abasuke bezobika noma belandelela emacaleni abikiwe.
UMkhwanazi uthe nakuba engenayo imininingwane ngamacala le nhlangano ekhuluma ngawo kulolu cwaningo, kodwa unxusa ukuthi uma umuntu ezovula icala esola ukuthi iphoyisa alibenzi ubulungiswa noma ekholelwa ukuthi liyabandakanyeka ebugebengwini obuthile, lowo muntu wamukelekile ukuzama olunye osizo njengokubika lelo phoyisa ophikweni olubhekelele ukuphenya ngamacala awo, i-Independent Investigating Directorate (IPID) ukuze luphenye.
Ukhwele wadilika kulabo abagxeka amaphoyisa ngokusebenzisa inganono uma edubulana nezigebengu, isikhathi esiningi okuvame ukuthi kufe abasolwa. Uthe umsebenzi wamaphoyisa awulula njengokukhuluma kwalabo abasuke behlaziya abakubukela kude, abangakaze babe sesigamekweni lapho izigebengu zitholene phezulu nawo.
Uthe maningi amaphoyisa agcina ebulewe kulesi sigameko zokutholana phezulu nezigebengu. Lesi sifundazwe sibala nezinye ezinezinga eliphezulu lokubulawa kwabantu, njengoba izibalo zobugebengu ziveza ukuthi bangu-18 abantu ababulawayo kusona ngosuku.