Uthukuthele uyaveva umsiki-wengqephu, uMnuz Nhlakanipho Gumede, osola amaphoyisa asesiteshini sasePort Shepstone, ngokumgxoba maqede eba iselula yakhe i-iPhone7s ngo-Okthoba 10, nyakenye.
UGumede (30) waKwaQwabe, eMzumbe, uthe kwafika omunye umuntu ayehlangane naye enkonzweni yakwaShembe kade kufike Unyazilwezulu eMthwalume,wacela ukuba amshajele i-iPhone 14 Pro Max.
Uthe kwathi esayishajile ngezithuba zabo-9 ebusuku, yakhala okusa-alarm, wazitshela ukuthi belicushwe wumnikazi.
"Emuva kwehora, kwabe sekutheleka amaphoyisa ekhaya, angibopha ngozankosi maqede angishaya. Athe uma esedelile ukungishaya abe esengibuza iselula, ngawanikeza eyami. Aphuma nayo abuya esethi akusiyo le. Abe esebona i-iPhone 14 Pro Max, ayithatha. Athi iyona azoyilanda," kusho uGumede weNRG Clothing.
Uthe wathi uma ewatshela ukuthi akusiyo eyakhe, amthatha athi akayowakhombisa umnikazi wayo osendaweni yasoShabeni. Eqhuba, uthe okwamxakayo ukuthi abamenzanga lutho umnikazi weselula, naye owathi wayinikezwa ngumsolwa oseBhoyibhoyi.
"Sabesesinikela khona eBhoyibhoyi, mina ngashiywa emotweni, kwangena amaphoyisa nomnikazi weselula endlini."
Uthe bathi uma bebuya, baboshwa bonke maqede bayogingqiswa izithupha esiteshini samaphoyisa. Uthe wabuye wadedelwa ngebheyili kaR800.
Noma esengaphandle kodwa ubulawa yindlala ngoba amakhasimende aseyambalekela njengoba esenecala ekubeni umsebenzi wokuthunga wawufundela esikhungweni semfundo ephakeme.
Uthe emuva kokuthola ibheyili, ube esevulela amaphoyisa icala lokweba ucingo lwakhe nokumshaya ngaphandle kwesizathu.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseMehlomnyama, aphenya icala lokweba emuva kokuba indoda isole amaphoyisa amahlanu ngokuthatha iselula yayo eMehlomnyama, ngo-Okthoba 10, 2023.
"Kusolwa ukuthi indoda yayilapho ihlala khona ngesikhathi ithelekelwa ngamaphoyisa amahlanu ayegqoke imifaniswano. Kubikwa ukuthi aphenya umuzi, athatha iselula yayo maqede ayiyisa lapho kuhlala khona umngani wayo, okuyilapho abashayela khona futhi abaphuca amaselula. Aphinde aya eBhoyibhoyi lapho athola khona omunye umlisa owayephethe iselula okusolwa ukuthi yebiwe."
UNetshiunda uthe ummangali uthi iphoyisa aliyibuyisanga iselula yakhe.
"Udaba lusaphenywa," kuphetha uNetshiunda.
UGumede uthe kuyamxaka ukuthi yini elibazisa uphenyo ngoba amaphoyisa usewanikeze zonke izimfanelo ezinjenge-J88, inkulumo eqoshiwe yephoyisa lizivumela nokunye obekudingeka.