UMENGAMELI wenyunyana yamaphoyisa iPolice and Prisons Civil Rights Union, uDkt Zizamele Cebekhulu usegxeke isimo abasebenzi bakahulumeni abasebenza kusona athe asigculisi.
UCebekhulu ubekhuluma kuvulwa ingqungquthela yeshumi, yezinsuku ezinhlanu yokukhetha ubuholi bale nyunyana eseNkosi Albert Luthuli Convention Centre , eThekwini.
"Abasebenzi bacindezelwa ngezindlela ezehlukene kule Khabhinethi yesithupha okubalwa kuzo nokusebenza ezimeni ezingagculisi. Lokhu kwenzeka nakuba abasebenzi benza konke okusemandleni ukwenza ngcono impilo yabantu bakuleli ikakhulu abahluphekayo nabasemazingeni aphansi," usho kanje.
Uthe ukuze umsebenzi uqhubeke ngendlela egculisayo, kumele kube nabantu abenele abaqashiwe eminyangweni ehlukene nasezindaweni zokusebenza. Uthe kumele futhi baqeqeshwe ngokwanele ukuqinisekisa ukuthi banamakhono adingekayo.
Ugxeke isinqumo sehhovisi lomgcinimafa kuleli okuthe ngoSepthemba, lathi akumisiwe ukugcwaliswa kwezikhala ezivulekile eminyangweni kahulumeni.
Le ngqunguthela kulindeleke ukuthi uMengameli we- ANC uMnuz Cyril Ramaphosa adlulise umyalezo wokuyixhasa.
Kuzothi kusasa ihanjelwe uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Bheki Cele nowezoBulungiswa uMnuz Ronald Lamola.