ABAWUVALI umlomo ngokushaqisayo abakubonile abaholi bamaqembu aphikisayo kuMasipala waseThekwini abafice amakhulu ezimoto zalo mkhandlu zifile futhi ziduve egaraji njengoba kuthiwa sekuphele isikhathi eside zingakhandiwe.
Abaholi be-ActionSA, Abantu Batho Congress, Active Citizens Coalition neVryheidfront Plus bagasele egaraji okukhandwa kulona lezi zimoto eliseMobeni, eThekwini ngoMsombuluko.
Lapha bafike baxoxa nezikhulu ezengamele le ndawo nabasebenzi ababanekele izingqinamba ababhekene nazo.Kokunye okuvezwe yilolu phiko olungaphansi kweCity Fleet, ukushoda kwezinsiza kusebenza ezingathengiwe.
Baveze ukuthi kuthatha isikhathi eside uma befake i-oda ukuthi umkhandlu ubathengele amathayi, amaphathi ezimoto ezidinga ukulungiswa nezinsiza kusebenza.
Basole abakwaSupply Chain Management ukuthi bathatha kade ngaphambi kokuthi bagunyaze izicelo zemali yokuthenga izinto zokulungisa izimoto ezifile.
Omunye wabaholi abagasele kule ndawo uMnuz Zwakele Mncwango wekhokhasi ye-ActionSA eThekwini uthe zingaphezu kuka-900 izimoto eziduve kuleli galaji.
Uthe njengoba izimoto zingakhandiwe lokho kukhinyabeza ukuhambisela abantu intuthuko.
“Lapha kunenqwaba yezimoto ezifile zeminyango okungeyamanzi nokuthuthwa kwendle, ugesi, amaphoyisa amapaki neminye eminingi. Sekuneminyaka ecela kwemibili kuya kwemithathu zingalungisiwe. Kuthatha cishe inyanga ukwenza i-service nje emotweni kulo masipala,” kusho uMncwango.
Inhloko yophiko lwezokuxhumana kuMasipala weTheku, uNkk Lindiwe Khuzwayo, ivumile ukuthi kunezingqinamba ezithinta izinkontileka phakathi kweCity Fleet exoxisana ngazo nophiko iSupply Chain Management.
UNkk Khuzwayo uveze ukuthi lo mkhandlu unezimoto ezingu-8 000 sezizonke.
“Ezinyangeni ezintathu ezedlule ngu87% wezimoto zikamasipala osebenzile. Lesi yisibalo esingaphezu kwaleso umasipala ozibekele sona. Kwenziwa zonke izinsuku ukubhekwa kwesibalo sezimoto ezisebenzayo. Masonto onke sithumelela iminyango imibiko yalokhu,” kusho uNkk Khuzwayo.
Udalule nokuthi ziyehluka izizathu eziholela ekutheni izimoto ziyokhandwa lapho zikhandelwa, okwenza sishiyane isikhathi sokulungiswa kwazo.