ASEVULIWE amabhishi angu-11 aseThekwini abevaliwe ngenxa yokungahlanzeki.
UMasipala weTheku uthe ukuhlolwa kwakamuva kukhomba ukuthi izinga legciwane elitholakala endleni i-ecoli ebeliphezulu emanzini asemabhishi selehlile, ngakho-ke sekuphephile ukuthi abantu sebengabhukuda.
UMnuz Msawakhe Mayisela, okhulumela uMasipala weTheku, uthe ukuhlolwa kwakamuva okwenziwe wongoti abahlola amanzi kuleli dolobha, kuveze ukuthi sekungavunyelwa ukuthi abantu bangene emabhishi bazijabulise ngendlela abafisa ngayo.
Uqhube wathi uMasipala weTheku uhlale njalo ukuqaphile ukuphepha kwamanzi ukuze izivakashi ezisuke zizozithokozisa emabhishi zikwenze lokho emanzini ahlanzekile.
Amabhishi akuleli dolobha avalwa ngo-Ephreli ngemuva kokuthi kade kuhlasele izikhukhula amanye ngoMeyi ngemuva kokuthi kutholakale ukuthi anezinga eliphezulu legciwane i-ecoli.
Amanye amapayipi ahambisa indle kuleli dolobha alimala, indle yagelezela emifuleni yagcina ingene olwandle okuholele ekutheni kwenyuke igciwane i-ecoli.
Bekunovalo lokuthi kungenzeka izivakashi ezithutheleka eThekwini ngamnaholidi okuphela konyaka ngoba zifuna ukubhukuda ngeke zifike kulo nyaka, uma amabhishi engavulwa, okuzoshaya umnotho wakuleli dolobha, ngoba abantu abaningi abasuke bengcebeleka basuke befuna ukuzobhukuda bese benza nezinye izinto.
Inhlangano yosomabhizinisi abasemkhakheni wokulalisa izivakashi nokuzinakekela iFederated Hospitality Association of South Africa ibithi ukuvalwa kwamabhishi kuphazamisa umnotho ngoba kusukela evaliwe sehlile isibalo sezivakashi ezifika kulezi zindawo zizolala.